BAYEKE BAKUBALEKELE!!!! UNUMERI 23:19 uNkulunkulu akasiye - TopicsExpress



          

BAYEKE BAKUBALEKELE!!!! UNUMERI 23:19 uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na?Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na? Kuzofika isikhathi lapho bonke labantu obasukelayo, ufuna bakuphe amathuba ukuze impilo yakho ibe ncono, kodwa bekubalekela beyophenduka khona basukele wena. Ubona kusenzima okwamanje, ubona uthwele kanzima okwamanje, kodwa siyeza isikhathi sokuphenduka kwamatafula. Lapho wena msukeli uyophenduka umsukelwa, kuthi lo obumusukela, eyophenduka umsukeli. Bangakubukela phansi, bakubone uyinto engenamsebenzi njengamanje, kodwa amatafula ayajika mtakababa. It is just a matter of time whereby the chaser will become the chased and the chased become the chaser. Kungenzeka bakuvalele amathuba, kuphi nakuphi lapho uhamba khona, kodwa ngoba abantu laba, kuzofika isikhathi lapho bezokwenza iphutha, bakhiye umnyango bebone kahle ukuthi bawuvalile bawukhiya, kanti yize ukhiyiwe, futhi ukhiye uphendukile, wasikhiya isicabha, kodwa akunandaba ngoba uma kufika ongcwele waphezulu, ovula kuvaliwe, avulele wena bathuke bome ngoba bebethi impilo yakho isezandleni zabo. Yes kade ukhala, yes kade waxakeka kodwa awuthi ngikutshele, ukuthi noma ungahlupheka namhlanje kodwa kusasa kuzosa ngokunye. Yebo kunzima ukubhala ngokuhlanganisa, kodwa bambelela mtakababa, ulinde ithuba lakho, lapho uJehova eyokuphakamisa khona, kungabi khona noyedwa othi u Ps Sanele B. Gumede ulana ekhona namhlanje ngenxa yami. Unethalente eliyisimanga, unesiphiwo esimangazayo, kodwa abantu ozama ukuziveza kubo bayakubalekela. Kusukela namhlanje, ngithi mina bayeke mtakababa babaleke. Kungekudala bona labantu ebekubalekela, ufuna ukucula mahhala, bazobe sebekuqasha ngemali. Bona labantu ebebekuvalela izikhala bethi uwumfanyana bekuthatha kancane, ibo kanye abazobe sebekubiza uzoba isikhulumi sosuku ngezimali eziphezulu sebekubona ku TV bekuzwa kwi radio. Kodwa kubiza ukuthi ubambelele. Yebo ukubambelela entweni ongayiboni ukuthi iya ngalaphi kunzima, futhi kubuhlungu. Yebo ubusuzitshela ukuthi lowo msebenzi uwutholile, kodwa kwakhona ofika nokuthi awungaqashwa, kodwa bona labo abakucindezelayo, bazokubona uzongenza kwi lift efanayo nabo, uqgoke I uniform efana neyabo, kodwa bebe bezitshela ukuthi bakucindezele, futhi awunamnyakazo. Bakugcine bekubalekela unethwa zimvula, uhamba uvika umbani wezulu, bathi bephakamisa amehlo bakubone wehla emotweni yakho kanokusho. Zizogcina sezikelile egcekeni, kuthi labo ababekuncisha izimoto zabo unezidingo eziphuthumayo, babuye baze kuwe bezoboleka imoto yakho. Bayobe sebekhuluma ngawe, bethi lona siyamazi, ukhulele phambi kwethu, kade engenalutho izolo, ningamboni esephakeme kanjena, kuzomuqoqa ukuhlwa. Uthi uphakeme kanti akunjalo, uyena osuke wazehlisa wayoba phansi ngenxa ye pride, manje usethi wena uphakeme kanti uhamba enkazimulweni kaJehova. Uzothuka abantu abebengakwazi nanokuthi uwubani, bebuya bezozi mixer nawe ngenxa yamandla kaJehova abonakaliswa kweyakho impilo. Bakugcine uwumatapudaka, kodwa bebengazi ukuthi lelihlazo elesikhashana. Bayeke nje bakubalekele okwamanje, bayeke bazitshele ngawe, kodwa liyeza ilanga labo lokukusukela. Ungaphatheki kabi ukuthi bayakubalekela, ngoba babaleka nje ingenxa yogcobo namandla alento oyiphethe eyenza ukuthi bangakwazi ngisho ukuhlalelana nawe. Bakubalekele bahamba bayohlala ezindlini ezinhle bakushiya uhlupheka, kodwa bazobona yena lo obevuka emjondolo esewumakhelwane wabo. Baze badudane bethi asibhake amakhekhe siyokwamukela omakhelwane abasha, bathi bayafika, kuvele umnyango uvulwe uwena, bathuke balahle amakhekhe phansi. Ungamnswinyi uJehova, ngoba unamandla okwenza ngaphezu kokucela nokucabanga kwethu. Uma usukucelile uyakwazi ukukwenza, nalokho ongakucelanga, kodwa okucabangile. Kunabantu okade wawubancenga ukuthi bakusize ukhiphe I album yakho kodwa bakubalekela, manje sebezokuzwa kwi radio, bakubone kwi TV. Isifiso sakho yize abantu bangasicindezela, kodwa uJehova uzokuvumbulula ngaphansi kwalawo matshe akuphakamise. Kungenzeka ukuthi washiywa ubaba, manje ugulelwa umama. Kungenzeka ukuthi izihlobo nabangani sebakulahla, baze bageza izandla. Kungenzeka ukuthi usukhathele ukuphila, kodwa mina ngithi kuwe, impilo yakho ima iqala, ngakhoke zilungiselele, ukuphakanyiswa uJehova. Isikhathi sakho sokusukela sesifike ekugcineni, sekuyisikhathi sokusukelwa. Sanele Gumede Ka Ndaba
Posted on: Wed, 08 Oct 2014 04:24:42 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015