Ephume Phambili Love Letter 2 : Sawubona sis uNongcebo, Uma - TopicsExpress



          

Ephume Phambili Love Letter 2 : Sawubona sis uNongcebo, Uma kuthiwa uyafakwa uqhakaza kwi-Email bengizowufaka ngikhiphe konke okuyimizwa encwadini. Msakazi isashisa nje ngicela ungidlulisela le-SECOND EDITION kuMaHlongwane. From : Sicelokuhle Mthethwa To : Nonkululeko Hlongwane Place : KwaNgoni Time : 09:30 ekuseni Where: Ngaphansi kwesihlahla sikaMango With : Alone ,listening to music Artist : John Legend Title : Nobody in this world but YOU Message : I LOVE YOU WITH ALL I HAVE Dear my dearest Masumpa, Ngonkamisa nongwaqa ngibhala lencwadi ukukukhumbuza ngothando oludlala izindima eziningi enhlizweni yami nasemzimbeni wami, nangendlela ongibusisa ngayo ,Sthandwasami uyongixolela uma ngikuthatha ngehaba engizokusho kodwa angizenzi nami. MaHlongwane, ngicela wazi Ukuthi anginamahloni ngawe kusukela kwaqala konke okuwumuzwa ngawe emzimbeni wami WOKUKUTHANDA, phela sthandwa wena uyikho konke engikudingayo kwezothando ngoba uthando lwethu aluyona impoqo futhi alukhandwanga ngomuthi kodwa olwemvelo njengamvula yona ena maqede kuqhakaze okuhle emhlabeni. Phela kumina unjengosuku lami lokuzalwa, unjengeSOWETO DERBY ,Unjengoju lwezinyosi indlela oluyinjabulo ngakhona uthando lwethu, ngincamela ukungenzi lutho ,ngizibukele wena nje kuphela engadlala ama-SHOWS amnandi kwi-T.V kodwa wi-SHOW ewadlula onke. Mtakwethu mhla ngithenga imoto ngiyothenga engenalo igiya ukuze ngigweme izinto ezingasihlukanisa phela Ngwane lami uthando lwami ngawe lujule 1 MILLION TIMES THAN u-Osama Bin Laden ejule phansi komhlaba ngoba ngisho uma Uma sixabana vane sengathi khona onyakazisa izintambo ze-NUCLEAR BOMB indlela okusuke kulumela ngakhona. Sumpa lami lapho okhona I SAY KEEP CALM BECAUSE Sceloh will always be in love with you. Simadzadza sami, sengiphetha ngithi ngiyazi uke wangaphatheka kahle ezinsukwini ngithi NCESE MY THULULU, UNyambose wakho uyakuthanda, UKUTHANDA-THAA. Ngiyazi kungaphela uhlelo ngichaza ngawe. Ngakho-ke Ngiyabonga ngakhonke sthandwa, uze ungibongele nakuMaNqoboka umama okuzalayo usho ukuthi ngiwu-Petros Motsepe nje namuhla ngenxa yaleligolide elinguwe sthandwa. From Your Forever Lover : Sceloh C Mthethwa kwaMaphumulo
Posted on: Sun, 23 Nov 2014 11:53:57 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015