Kusuke umbhikisho ngemuva kwengozi yesikebhe ebulale abantu - TopicsExpress



          

Kusuke umbhikisho ngemuva kwengozi yesikebhe ebulale abantu abangu-30 enyakatho yempumalanga yaseDemocratic Republic of Congo ngokusho kweziphathimandla. Kubikwa ababhikishi iningi layo bekungabantu abasha bashise amabhilidi kahulumeni ngoLwesine e-Isangi lapho lesi sikebhe ebesisuka khona. Isikhulu sikahulumeni sithe basazosiqinisekisa kabusha isibalo sabashonile. Siphinde sagxeka ababhikishi ngokuthi basole uhulumeni ngengozi yalesi sikebhe. Ngokombiko kusolakala ukuthi bangu-30 abantu abashonile ngesikhathi isikebhe esilayisha abantu sishayisa inguzunga yetshe emfuleni iCongo ongamakhilomitha angu-35 nenyakatho yeKisangani. Bangaphezulu kwekhulu abagibeli balesi sikebhe abatakuliwe. Kusolakala ukuthi lesi sikebhe besilayishe abantu ngokweqile kunesibalo esivumelekile. Kubikwa le ngozi yenzeke ngemuva kwamasonto kucwile esinye isikebhe esasilayishe ngokwesqile lapho okwashona khona abantu abangu-130 ngomhlaka 11 kuDisemba khona e-DRC.
Posted on: Sat, 27 Dec 2014 07:17:13 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015