Ubaba uNkosi wayesebenza enkampanini enkulu e PMB,ehola - TopicsExpress



          

Ubaba uNkosi wayesebenza enkampanini enkulu e PMB,ehola kahle,ebuya no 18000,ekupheleni kwenyanga.Kepha umkakhe umaSthole wayazi ukt uhola u 8000 kuphela,yonke lena enye engango 10000 eyibeka,ebhange isisondela ekubeni i Million lemali ayibekayo uNkosi.Kepha bephila kahle nezingane zabo zifunda kahle bekwazi nokuzijabulisa.UmaSithole engazi lutho ngale mali engaka ebhange.UNkosi wabona ukt kuhle afundise umkakhe nangempela umaSthole wathanda ukufundela i teaching,kwakuhle wafunda waqashwa esikoleni esiseduzane. Ekuhambeni kwesikhathi nomaSthole esesebenza esejwayele esenabangani,kwavela indaba yokuthi enkampanini kaNkosi bazodilizwa,nangempela kwabanjalo noNkosi wadilizwa ngoba wayesekhulile eno 45,sebefuna kusale izingane ezisenamandla okusebenza,wamtshela umkakhe loku uNkosi baqhubeka nempilo waghola u Blue card uNkosi izinyanga ezi 6,kwaphelela lapho engasenamali ngoba engasasebenzi.Kanti imali yempesheni nayo ayikakaphumi isazophuma umaSthole azi ukt sekuphelele la ku Blue card ka 6 Months. Waqala umaSthole wadelela wangamazi nokut uyisidikiselo saliphi ibhodwe uNkosi emphendula noma ikanjan phambi kwezingane engasamwasheli engasamphekeli esemuncisha nenkonzo yasekameleni.Wathula nje uNkosi wayibuka yonke lento.Baqala akumuhlohla abangani esikolen uMasthole ukt akayidivoze lendoda engasebenzi engesizo lwalutho,nangempela wenzanjalo. Bahlukana,wathatha izingane uMasthole wahamba nazo wathenga umuzi khona la endaweni wasala yedwa uNkosi kwakhe Kwadlula inyanga yaphuma imali yempesheni kaNkosi engango 250 000.Zaqala zashintsha izinto empilweni yakhe,Wahamba waya ebhange wayofuna imali yakhe ayeyibeka,isilinganiselwa ku 1 million.Wabhidliza u 4 room wakha isithabathaba somuzi,wathenga ama sheya kwenye yezinkampani ezinkulu,wathenga amatekisi,waba isigwili esaziwayo endawen.Izingane zakhe zabuya zeza kubaba wazo zazohlala naye.Wathatha omunye unkosikazi owayenenhlonipho,ezithanda ft izingane zikaNkosi. UMasthole uma eya esikoleni udlula la Ngakwakhe njalo uma eya emsebenzini,eyibuka yonke lento inhliziyo yakhe isifisa ukuphindela emuva aze akhale izinyembezi ebusuku ekhumbula impatho ayeyinikwa uNkosi. Waphinda wahlohlana nabangani bakhe abamuhlohla ukt adivoze umyen wakhe bakhwabanisa izimali esikolen,babanjwa baxoshwa emsebenzini.. ...
Posted on: Tue, 12 Aug 2014 14:03:17 +0000

Trending Topics



v>

Recently Viewed Topics




© 2015