Asinibingelele Manazaretha Amahle. Inyanga Yezulu yaqeda izimpi - TopicsExpress



          

Asinibingelele Manazaretha Amahle. Inyanga Yezulu yaqeda izimpi kwelase Mozambique. Kwake kwenzeka ngeminye iminyaka kusahleli uBaba Inyanga Yezulu esihlahlweni, yayivakashele kweminye imizi yayo masingaphosisi kwakuse Linda. Kwathi uma sekufanele umhlangano ulibhekise ekhaya elikhuku eBuhleni, wezwakala owasezulwini esethi abasemoyeni bathi akaye kwelase Mozambique. Abagcotshwa babaza impela besho bathi Baba uyazazi izimpi kulelo lizwe othi akuyiwe kulona, wavuma owasezulwini wathi uyazazi. Ngaleso sikhathi kwakuqhunyiswa wena moto wenandlu. Kodwa imizamo yabagcotshwa yehluleka ukumisa uBaba ukuthi aye khona, kwabe sekujutshwa amakhosazane phela Ubaba uyawahlonipha amakhosazane. Enza nawo imizamo yokumisa owasezulwini ukuba athathe umhlangano awuyise kwelase Mozambique kodwa nakhona kwazinhlanga zemuka nomoya. Wephuma ke umhlangano wayongena kwelase Mozambique, ngaleso sikhathi kwakuhleli uSamora Machel esikhundleni sobu President. Wanele wezwa uSamora Machel ukuthi uShembe usezweni lakhe, wakhipha amagama okuthi akaphume aphele uShembe ezweni lakhe umunika amahora awu 24, angapheli lawo mahora uShembe asese Mozambique lawo magama akhishwa uyena u President wase Mozambique wangaleso sikhathi uSamora Machel. Nangempela afika lawo mazwi kuShembe Inyanga Yezulu, yezwakala ithi Ow uyasixosha uyobuyela emahlathini lapho esamukhipha khona. Waphuma umhlangano eMozambique webuyela eBuhleni, kwezwakala ukuthi izimpi seziqale phansi kwelase Mozambique amaqembu azemibusazwe alwisana wodwa. Emva kwesikhashana uPresident wakhona eMozambique u Samora Machel waphahlaka nendiza ekanye namalunga esigungu sakhe sokubusa izwe, lengozi yenzeka ngomhlaka 19 October 1986 kulendiza kwakunabantu abawu 43 kwasinda khona abantu abawu 9 kwathi u President Samora Machel kanye nabuwu 33 baphangalala kuyona lengozi eyenzeka eMbuzini eLebombo Mountains. Amanazaretha akhona eMozambique emva kwalenhlekelele akhipha inkomo aya nayo kuBaba Inyanga Yezulu bezocela uxolo kanye nokucisha okwashiwo uBaba mhla exoshwa uPresident Machel ethi uShembe akaphume ezweni lakhe, nokwaholela ekutheni uBaba Inyanga Yezulu igcine isikhipha isiqalekiso sokuthi uyasixosha sizokubuyisela lapho ehlathini esakukhipha khona nokwaholela ekutheni aphangalalele engozini yebhanoyi. Uma befika abaseMozambique bezocisha lamazwi futhi bezocela uxolo wezwakala uBaba Inyanga Yezulu ithi naze nahlakanipha bo ubani othe wozani lapha, aphendula Amanazaretha ase Mozambique athi abadala ababatshela ukuba bazocela uxolo. Inyanga Yezulu yathi izofika kwelase Mozambique kwakuphakathi kweminyaka yabo 1987 kuya ku 1988 Inyanga Yezulu seyibuyela eMozambique kwaseskuhleli omunye uPresident. Bafika ke Mozambique kwakuhle ngoba uBaba waze wayongena ePhalamende lakhona, nalapho kwafika khona umama ehamba nengane eyayingahambi lokhu yazalwa ciahe yayilana ko 20 nento ngeminyaka lengane kodwa yagcina isukumile mhla ibona Inyanga Yezulu nokwaholela ekutheni umama wayo akhale. Uma Inyanga Yezulu yebuza ukuba ukhalelani lomama bathi ukhaliswa yinjabulo, emva kokusuka ePhalamande lakhona eMozambique Inyanga Yezulu yabhekisa amabombo eMaputo nalapho okwathi izimoto zikaBaba zohambo zilibangise khona kwabonakala ifu elimnyama phuqe lilandela lezimoto nokwaholela ekutheni lefu legcine selinisa imvula kodwa kuphela lapho okuhamba khona izimoto zohambo lukaShembe. Lefu labalandela kanjalo lokhu linile bafikake kwelase Maputo kwenye indawo esesilibele igama lakhone, bathola ukuthi kulendawo seyagcina kwedala ukunisa imvula kodwa bamanangala abantu bebona uShembe ehamba nefu lakhe elinisa imvula ilapho abanyu base Mozambique ababona khon ukuthi cha uNkulunkulu lona akuyena umuntu noma inyanga nokwaholela ekutheni abezindaba bakhona eMozambique begcine sebelendela uShembe . Kuleyondawo kwasukuma abantu abaningi ababengakwazi ukuhamba, abezindaba bashutha izithombe zayo yonke into eyayenziwa uShembe ephilisa abantu eMozambique kodwa okwaxaka ukuba uma sebezigezile izithombe zonke kwavela izinkanyezi ai lokhu ababekushuthile kwenzeka. Kwaba khona obatshelayo ukuthi neshuthe ningacelanga kwiNyanga Yezulu ingakho kunjena, nangempela bahamba bayocela bathi bengakasho abakuzele wezwakala UBaba Inyanga Yezulu ithi senizocela bantwana bami nangmpela bavuma. Emva kokuvuma kwabo uBaba wakhipha isibusiso wathi INKOSI INIBUSISE sezizophuma kahle izithombe nangempela zaphuma kahle izithombe emva kwalokho. Izimpi zaphela ekufikeni kukaShembe kuze kube imanje aziphindanga zaba khona izimpi kwelaseMozambique. Inkosi Ibusise Enikufundile.
Posted on: Sat, 27 Sep 2014 12:46:37 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015