Chapter 68 Me: Angithembe nje ukuthi kuzobalula cc Nelly: I - TopicsExpress



          

Chapter 68 Me: Angithembe nje ukuthi kuzobalula cc Nelly: I cant promise you that cc, kubanzima ukuhlukana nomuntu omthandayo. Mina ngacishe ngafa ngihlukana umuntu engangcina ukuthandana naye, ngabona ngezithombe nje ku Facebook ukuthi wayeshada nge weekend ayengithembise ngayo ukuthi soya DBN wajika wathi uyasebenza kanti uyashada wavele washitsha ngisho ebusweni Me: Awu Nelly! Wambuza kodwa ukuthi yini indaba ekwenza into ebuhlungu ngalendlela? Cha wayencole ngempela loyo Nelly: Ngavele ngakhohlwa nje nguye cc, kwakunzima kodwa ngazama ukundlula kuye. Since then I never loved someone really futhi angiboni ukuthi ngyoke ngikhone Me: I dont blame you cc sasisakhuluma makukhala I fone yami ngangicabanga ukuthi usizwe to my surprise it was Thabiso Me: hi! Thabiso: Kunjani nkosazana? Me: Ngyaphila bhuti thabiso wena unjani wasukuma uNelly waphumela phandle Thabiso: You dont sound fine cc, kwenzenjani? He sounded so concerned Me: Ngi right thabiso my voice was shaking kuzwakala nje ukuthi ngufuna ukukhala Thabiso: You dont have to tell me ukuthi keenzenjani but you can tell Your God Me: but how.?.? Thabiso: uguqe phansi ngedolo uthandanze cc Me: Bengifisa ukukwenza lokho izolo kodwa ngahluleka ngingcine nje ngibambe I bible ngesandla kodwa nalokho kungisizile. Thabiso: awu ntokazi yakwaShandu, kumele uzifundise ukuba ne connection with our God. Mina ngivele ngiguqe ngamadolo bese ngikhuluma naye ngimtshele konke okusuke kungihlupha emoyeni bese ngyabonga futhi okuhle angenzele khona empilweni yami Me: at least kukhona nokubongayo mina ngingathi ngibonga ini nje kulokuhlupheka okungaka Thabiso: The fact that you did wake up in the morning, its a blessing you should be thankful for that. Me: ngzokwenzanjalo Thabiso: Yazi bongiwe izimo esibhekana nazo empilweni yizo ezisisondeza kusomandla. You still have a chance to change your life please use it Me: Amazwi akho ahlale engakha njalo bhuti Thabiso, ngyabonga Thabiso: I care for you and God loves you Me: And im greatful for that Thabiso: Yazi next weekend ngizoletha uNosipho lapho ejozi e carnival city just to have some fun, I feel like she needs it Me; she is lucky to have a father like you, uhlale umcabangela Thabiso: She is my everything. Ngyayithanda ingane yami. I pray for her more than I pray for my self Me: Kuzomele ngihambe manje Thabiso, thanks for calling Thabiso: I hope you will join us to carnival city, im sure noNosipho angajabula ukuphinde akubone futhi savalelisana sabeka phansi ucingo. Ngake ngabheka phansi isikhathi eside ngicabanga ngathuswa ukuvuleka komnyango kwangena uNelly. Nelly: Ucabangani kangaka cc? Me: Kodwa yini ndaba uSizwe angafani noThabiso??? Nelly: Umuntu nomuntu unendlela adalwa ngayo cc Me: Ngabe impilo yami imnandi ukube uSizwe ufana noThabiso. Uyindoda ehlukile nje ngasukuma ngavula amabhodwe u Nelly wayephekile ngaphaka ngahlala phansi ngadla. Kwakhala ifone yami ngisadla kwakuwuSizwe ngavele ngangayibamba. Wayeseshiye iqwaba yama massage exolisa kodwa ngingaphenduli neyodwa nje. The following week I was feeling strong physical yize noma kwakunzima emotional, i was still hurt kwakungavumi ukuthi ngikhohlwe uSizwe kodwa ngangizama, kanti noNelly was there for me. Ngangivuka njalo ekuseni ngiye eskoleni until late. Nantambama ngifunda before ngilale. Nge weekend wafika uThabiso no Nosipho ngahamba ngaya kubo. I suggested that we go to gold reef city and nosipho really enjoyed it, in fact nami ngajabula, we played so much games, took a lot of pictures. Nosipho: Thanks aunt Bongiwe ngoku suggest lendawo, ave kumnandi lana Me: Kanti nase carnival city kumnandi cc Nosipho: Umuhle aunt Bongiwe and I like you Me: Ngyabonga cc nami ngyakuthanda kanti futhi nawe umuhle kakhulu Thabiso: Awu mina ngimubi yini kanti? Nosipho: nje baba ngihlale ngikutshela njalo. U aunt bongiwe unenhliziyo enhle, ungikhumbuza umama when nosipho mentioned her mother ubuso bathabiso bavele bashitsha. I could feel the was something wrong kodwa ngakhetha ukungabuzi ngoba I didnt want to spoil the day. Me: Awufuni yini siyodlala uZink kancane cc? Nosipho: Ngsaya kuleziyangane ngzobuya manje wahamba ngasala ngihleli noThabiso Thabiso: Yazi every time mayekhuluma ngomama wakhe ngivele ngizwe ubuhlungu nje. Ngyazama ukuba ubaba oqotho no friendly kuye kodwa uyamdinga umuntu owumama ozomnakekela Me: Kanti kwenzakalani kumama wakhe.? Thabiso: she passed away two years ago Me: Awu ngyaxolisa thabiso I didnt know im really sorry Thabiso: Its part of life cc, washona sinonyaka nje sishadile he looked really sorry ubona nje ukuthi kunzima ukukhuluma ngalento Me: Was she sick. ?? Thabiso: Wayekhulelwe, washona eteta. Ingane yaphila but he died emva kwamaviki amabili umkami eshonile Me: Kwaze kwanzima, usudlule ebunzimeni obukhulu kangaka. I can imagine Thabiso: Yinagakho nje ngakuzwela makuthiwa ulahlekelwe ingane. I know the feeling of loosing someone you really love Me: Jah eyi khona kunzima, this was my second child ebengilahlekela Thabiso: At least youre not alone kuyo yonke lento. You have a fiance I took a deep breath Me: We broke up Thabiso: Ngyaxolisa cc I didnt know Me: impilo injalo nje Thabiso: Ubeqinisile uNosipho umuhle ntokazi Me: Ngyabonga Nosipho came back wathi yena uselambile futhi uhalela Inyama yase nandos. We drove to west gate mall safika khona sangena e nandos sa order sadla. Nosipho asked her dad to took us some pictures together while we were eating. Kwakungathi siyi family yangempela. Thabiso: Awu sengicishe ngakhohlwa. I promised my mother ukuthi ngzomfakela imali namuhla. Ngisaya lana FNB ngyabuya. Me: Uzosithola e KFC ngihalela I milkshake yakhona Nosipho: Nami ngyayithanda uzongithengela? She looked at me and smile Me: I will cc, asiqedele ukudla bese siyahamba sadla saqeda saphuma kanye noThabiso yena waya FNB thina saya KFC safika sathenga I milkshake sahlala phansi. Nosipho: Cc bongiwe vele wena usuzoshada? Me: Cha cc angikezi ukushada ngsafunda Nosipho: Awu! Kodwa ukhona umuntu ozoshada naye mase uqede ukufunda? Me: angizukushada cc kanti futhi akekho umuntu engizoshada naye noma sengiqede ukufunda Nosipho: Ngifisa engathi ungashada noBaba wami wabheka phansi wambona ukuthi ufuna ukukhala me: yini ndaba usho njalo cc.? Nosipho: Ngyamkhumbula umama kakhulu futhi, ubaba uyindoda elungile kodwa ngike ngifise ukuthi ukube umama nobhuti wami basaphila wena ungikhumbuza umama kakhulu waciphiza izinyembezi Me: Lalela cc ubaba wakho uyakuthanda neh, futhi uzokutholela umuntu ozoba umama wakho kodwa okumele ukwazi akekho umuntu oyovala isikhala sikamama wakho ngambamba ngesandla Nosipho: ngyabonga cc, kodwa wena ungamshada yini ubaba?
Posted on: Thu, 22 Jan 2015 17:04:10 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015