ISALA KUTSHELWA SIBONA NGOMOPHO. *sidlubusha bethu, sidlubusha - TopicsExpress



          

ISALA KUTSHELWA SIBONA NGOMOPHO. *sidlubusha bethu, sidlubusha bethu sphethe nabantwana* yayisho phezulu ingoma lapha eres A main campus e Mangosuthu University of Technology kuyadanswa bayabhenga bashaya ama get together up and down umuntu nomuntu uphethe owakhe. uzosala wena awuboni sidlubusha bethu washo ebhavamulela phezulu eklabalasa uMlungisi Mathenjwa abangani bakhe bambiza ngo Mlu. Ucula nje ubambele esincane isilenda lapha eduze kwakhe u two slice uqobo lwawo budliwa ngempela ubusha lapha eres. UMlungisi lona usuka kwelaso Phongolo encotshana ufike lapha eminyakeni emibili eyendlule kanti lonyaka owesithathu ekulamagceke wenza izifundo ze Civil Engineering kanti usenza u S2 kanti alikho ibanga angabi nesifundo asiphindayo, kanti uS2 uhlukile ngoba useshiziliswe i theory of structure abanye baze bethi i Thes isifundo sikamkhulu. UMlungisi angakutshela kabanzi ngalo mkhulu ofundisa lesi isifundo ngoba yiso nje esimise kabi phela akadlali u MR Dasoo khona abanye bayamncoma ukuthi uyafundisa into nje akazwani nento ebhedayo. UMlungisi baphuza nje nabangani bakhe impela viki kanti njalo ngezimpela sonto bayazidakelwa baziyele ko Max, bajayive kuze kuse ngakusasa kumele bayobhala isivivinyo (exam) kazi uzobhala ini uMlungisi. ****************** kuse Seme hall kuyabhalwa izingane ezifundile ziyaziphuzela nje kwazise lilula naleli phepha kuMlu kuduma upotiyane. eish kodwa into engizoyithini lena yazi ngabe kuya ngami ngabe ngiyahlehlisa isikhathi ngifunde kabusha kuthi kusenjalo ankeneneze amazwi ayeshiwo ngumaQwabe umama wakhe amzalayo ngane yami uze uziphathe kahle lapho wazi ukuthi uwena oyolungisa lomuzi vele mina ngingabizwa noma kunini ekhaya kube sengathi angahlehlisa isikhathi kube ukuthi usaphuma ekhaya lawo mazwi ikhathi ewezwa manje livele lidume ngokunye ikhanda athi asahambile ngokwemicabango aphazanyiswe yizwi labantu ababagadile one hour remaining athuke akhumbule ukuthi usendlini yokubhala futhi kunephepha elimlindile ukuthi alibhale kodwa uzobhalani? Athathe ipeni abhale lokho okuncane akubonabonayo aqede ahambise. weMlu awungimele aqalaze ngemuva hawu kanti uwena Lihle ubhale kanjani kodwa mkhaya? uLihle intombazane engumakhelwane kaMlu emakhaya oPongolo. ey kubhedile futhi mkhaya kodwa Mlu ngihlezi ngikukhuza ngalaba bangani bakho kumele ngabe ucabanga ngesimo sasekhaya umama uyagula futhi akasebenzi uma ngabe wena unganaki ubani ozonaka ikhaya lakini uyazi ziningi kangakanani izingane lapha ngaphandle ezifisa ukuthi ngabe ziyafunda njengawe kodwa wena awukushayi ndiva lokho ey Lihle akasekho umasiza ngidlale ngidlalile ngethuba baxoxe baze bahlukane. ****************** amaholidi uMlungisi usekhaya ufike umama wakhe isimo sisibi kakhulu esibhedlela. Mlu usale kahle ngane yami mina ngikunikile isinkwa semihla ngemihla yisona ozosala naso kwaba ngathi umbethele ngesipikili ngalawo mazwi wathi esathi uvula umlomo ufuna ukukhuluma uMlungisi kwabe uselate ngoba yase ithule intombi yakwa Qwabe. Wancwatshwa kahle kwadlula. ****************** zivuliwe izikole uMlungisi ubuyelile naye nalapho wafika wathola ukuthi uno G20 we Thes okusho ukuthi ngeke asakwazi ukuqhubeka nokufunda kwakuthi akazibulale wathi esanake lezo zindaba kwangena umlayezo efonini yakhe uvela kwenye yezintombi zakhe. Ufundeka kanje MLU NGIYAXOLISA NGITHANDANE NAWE NGINEGCIWANE KUYIMANJE NGIYAGULA NGICELA NAWE ULIHLOLELE. Wathi ewuqeda wayesevevezela izinyembezi zigobhoza uzoba yini kulomhlaba kodwa konke lokhu kungenxa yakhe yokungalaleli. Akasenamhlaba isikole siyamphika impilo yakhe seyikalelwe. Wavele waxolela ukuthi ahambe ayofuna umsebenzi emapulazini wathola owokuthi agawule umoba wayeseguge ngathi yikhehla elidala esebhema nebhoza yamakhehla. Kodwa vele bayasho ukuthi isala kutshelwa sibona ngomopho naye umopho wakhe lona. Iyaphela
Posted on: Mon, 02 Dec 2013 18:13:26 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015