IZINCEKU, AMAKHOLWA NEMITHI. Sisakhungathekile ngokutholwa - TopicsExpress



          

IZINCEKU, AMAKHOLWA NEMITHI. Sisakhungathekile ngokutholwa kwezicubu zengane esontweni limbe Ophongolo. Akukazeki ukuthi ogile lomhlola ngubani. Futhi kulukhuni ukwazi okwamanje ngoba izimishini zalelihlelo ziba nkulu futhi kuhlale abantu abaningi ngaphakathi. Singekuthathe njenge-gospel truth okubikwe iphephandaba iLanga ukuthi izingane zikaMfundisi uNkosi zithe opulasitiki bakayise laba okutholakale kubo izicubu. Into engifuna sikhulume ngayo indaba yemithi nokuthakatha eBandleni likaKhristo. Uma ufunda amaphepha esiZulu, kulengxenye yamaClassifieds kunezinyanga ezizikhangisayo. Uke uthi uyabhekisisa lapho uthole kunemithi efana nale: owokwenza ukuthi amakholwa ande, owesithunzi ukuthi ibandla likuhloniphe, iwozawoza ukuze amakholwa anikele. UBaba uMfundisi uGumbi kwezinye zezintshumayelo zakhe ezasakazwa Okhozini, waxoxa indaba yomfundisi ababehamba naye beya enkonzweni. Esikhumulweni sesizindiza, wanenkinga lomfundisi uma sekumele kudlulwe kwi-detector. Uthe uma eseseshwa watholaka efake ibhande leli elifana nelama-boxer okhalweni. Uma ebuzwa ukuthi elani, wathi elokuthandazela. Ngike ngezwa futhi uMama uMphostoli uMakhaye (uma ngingaphosisi) eshumayela kwIntshukumo ethi abafundisi abayeke uhambo oluya eNigeria. Kungathi banele bathathe lepilgrimage bese ibandla lakhe liyachuma, neminikelo ikhule. IsiZulu-ke sithi ayinuki ingosiwanga, akunantuthu ungekho umlilo. Kubonakala sengathi abanye bethu zinceku, siya ezinyangeni futhi sisebenzisa imithi nokuthakatha ukuchumisa umsebenzi weVangeli. Angikusho futhi ngingahlonizi ukuthi kukhona amakholwa angaphumi ezikhundleni, ngisho ngabe umthethosisekelo uthini, kodwa aba olife kulezozikhundla. Uma inceku ike yazama ukumsusa kwenzeka izimanga: kundiza izikhova, kugcwale izinyosi, kugingqike izimoto, kuye le nale. Ngeke oDr Agiyoki badayise imithi eqondene namabandla bengena-makethe. Ngeke kuzwakale koMhlabuyalingana nakwezinye izindawo izinyanga zizincoma ukuthi abagcotshwa bakhendla kuzo kube kungenjalo. In short, kukhona ukusetshenziswa kwemithi nobuthakathi esontweni, my hope and prayer ukuthi kuncane nje. Umbuzo omkhulu engizibuze wona ukuthi kungani uJesu ededele ukuba kudlalwe ngegama laKhe neziNdlu zaKhe ngemithi nezinyanga? Angazi. Mhlawumbe impendulo ilele lapha: kuyekeni kukhule nokhula kuze kufike isikhathi sokuvuna ... (ngokukaMatewu 13:30a) iNkosi izokwenza ekuthembisile, ayilibele ukuthi nje iyanibekezelela ngoba ayithandi ukuba kubhubhe noyedwa wenu, kodw ukuba niphenduke (2 ekaPhethro 3:9) Ake ngiye emhlanganweni wabaPhriste *ejabulela ukudoja emsebenzini*
Posted on: Tue, 08 Jul 2014 07:48:24 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015