Ibhalwe ngu Sandile Ndaba Mj Diary Of A Farm Girl !! Chapter - TopicsExpress



          

Ibhalwe ngu Sandile Ndaba Mj Diary Of A Farm Girl !! Chapter 4.. Angazanga noma ngjabule noma ngkhale uma ngbona uSipho indlela eseyiyona ,ubuso bakhe ngathi obesidakwa ,ungcolile ngathi akahlali nje ngisho endlini kwalento ayenzayo ezibiza ngo Dr okhipha abantu izisu ngathi uzizamela imali nje yokuthenga iwunga...Ngambona ngavele ngahanjelwa nayingqondo ngoba ngangilindele ukumbona eyilento okudabukisayo wayphika kwaleyo Ngane.. **Conversation between him and me** Sipho : Wait,uthi khulelwe ingane yam? Zodwa : Yebo Sipho Sipho : ngalala kanye Mina nawe,pho wamitha kanjani? Into engekho leyo!! Zodwa : angikaze ngilale Nomuntu weSlisa ngaphandle kwakho,uwena futhi owathatha ubuntombi bami Sipho : angizwanga ngthatha buntombi bakho mina ngangdakiwe.. Zodwa : Manje pho sokwenzenjani ngengane?? Sipho : Angnangane mina (ecasuka ehamba) Ngasala kanjalo ngmile ngambuka ehamba waze wayosithela,nokukhala kwase kungphelele kungasangfikeli nhlobo ngoba ngase ngkhale kakhulu...uMbali owangifaka kuyona yonke lento akasekho wahamba nase Res sengsele nje ngedwa ...uma ngidalelwe ukphila kanje kshuthi mina akungfanele ukphila.. Konke ebengizokzama la eThekwini ku Shabalele ,ukfunda kungihlulile .. Zihambe izinyanga umama akazi ngikhulelwe futhi nemali akasangfakeli uma ngfona iphone ayisangeni and uyena yedwa onePhone ekhaya futhi nokamakhelwa abanayo iPhone phela kusemakhaya lapha ayinakwa indaba yama phone... 7 Months manje ngikhulelwe Sekphele 2 Months asixhumani no Mama ... senginomkhaba isisu asisafihleki akekho ongaboni ngikhulelwe,nezinye izingane seziyanghleka Manje ukuthi ngihlulwe iskole ngamitha...Kunokuthi ngibe inhlekisa kanje ngakhetha ukphindela ekhaya ,Umama ngeke angilahle ngoba ngikhulelwe ! Ulwesbili ekseni nglungise ngiqoqe zonke izimpahla Zami,iTheku linghlulile ,iskole singhlulile.. Nginengane engingasazi ngisho isbongo sayo anglazi ngisho ikubo ukuthi likuphi...ngibambe iTaxi yokuqala ebheke eMakhaya eMzinto ...Angiphethe ngisho uPlastic wase Jwayelani anginamali into engiphethe nje iskhwama sami sezingubo naso esesiqala nokdabuka.. Ingene iTaxi ku FreeWay impela kucace ukuthi kuyiwa emakhaya,uyayinyathela no Driver sizongena Manje eMakhaya...endleleni ngineMcabango nembuzo engaphenduleki ..kungani iPhone Ya Mama ingasangeni? Ngabe washintsha iNumber? Pho uma eyishintshile akasasho ngani ngoba phela eyami mina angishintshile..futhi kungani imali engasangfakeli eShoprite? Khona ngizombheka kanjani nale Sisu esengibuya naso? Iphume emgwaqeni oyitiyela iTaxi ingene obhuqwini ,Ikhuphuka izintaba namagquma iyosithela... Driver ngcela ukwehla estobhini eBhodini ... Ayibambe uDriver ngehlike sekuwumthwalo nokwehla isisu sikhulu Manje . Aybo izinto zishintshile emakhaya,ngokuhamba nje lo 10 Months sesifakelwe ompompi ..wow intuthuko isingenile ngempela...ngisababaza lokho kuqhamuke ingane Yaka Makhelwane ngicele ukuba ingphathele iskhwama ngoba siyangsinda ...bese Sihlukana ngibonge ngyiphe ishumi .. Uma ngingena nje ekhaya aybo ubani oshonile Laykhaya? And leliThuna Lisha nje liyabonakala...uma ngiqalaza egcekeni angiboni Muntu nezindlu zikhiyiwe... ngimemeze uSisi waka Makhelwane Thobeka ,we Thobe (Ngimemeza) Kuphendule uMama wakhona ngezwi eliphansi Akekho uThobeka usaye eDolobheni. Zodwa: Awazi Makhelwane kuyiwephi laykhaya? Maka Thoh : Ima Kanjalo ngane Yami singamemezani ngiyeza Lapho ekhaya Manje.. Zodwa : Ohk Ma (kwaphela 5 minutes wafika) Maka Thoh : Ngane Yami Ngyaxolisa ukusho ukuthi Umama wakho Akasekho emhlabeni usishiye NgeNyanga eyedlule Umelwe inhliziyo emva kokuzwa abantu bemxoxela ukuthi bakubone edolobheni ukhulelwe.. Ngaleso Skhathi ikhanda Lyazula,angazi noma ngfile or ngyaphila nenhliziyo ngathi isimile ngithuswa into engizwayo nengibonayo,Ngibuka leli Thuna enzansi komuzi izinyembezi ziyagobhoza Ngamehlo,Ngakhala kakhulu sengbona isphambano phezulu kwe Thuna esibhalwe :- REST IN PEACE DOROTI CELE 10 June 1969 - 25 August
Posted on: Sun, 16 Nov 2014 18:33:26 +0000

Trending Topics



>
For HP by Unknown 2605 Control Panel Assy Try to find right now

Recently Viewed Topics




© 2015