Johannesburg - AbaseWits University sebexolisile ngokukhipha - TopicsExpress



          

Johannesburg - AbaseWits University sebexolisile ngokukhipha umbiko ngokushona kwaloyo owabe engumengameli wezwe uNelson Mandela, okuwumbiko obuvela uma ubheka lesi sikhungo kuGoogle. IWits idlulisa okukhulu ukuxolisa emndenini wakwaMandela, abangani kanye nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, kusho umkhulumeli wesikhungo uShirona Patel. "IWits inomyalezo obekiwe olindele ukusetshensiswa ngesikhathi esifanele. Kube yiphutha ukuthi uphume singakashayi isikhathi." Inyuvesi izoqinisekisa ukuthi abathintekayo ekuputshukeni kwalo mbiko babhekana necala. Khonamanjalo uWinnie Madikizela-Mandela, owabe engunkosikazi kaMandela, uhambele esibhedlela ekanye nendodakazi yabo uZindzi, beyobona uTata. UTata usalokhu elaliswe esibhedlela iMedi-Clinic Heart Hospital, ePitoli, usehlale izinsuku ezingu-13.
Posted on: Thu, 20 Jun 2013 14:27:54 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015