Konke kusebenzelana kube ngokuhle, kwabamthandayo uSomandla - TopicsExpress



          

Konke kusebenzelana kube ngokuhle, kwabamthandayo uSomandla nababiziwe ngecebo laKhe - Rom 8:28 maduzane siyawushiya lonyaka, sizowelela komusha, ake uzisize ngalokhu : 1. Ungazikhathazi ngabantu akade bekuhleba, bebekukhangisa ngaphandle kokukhokha. Kunabantu akade bengakwazi kodwa manje sebezokwazi ngawe, thanx to dem.. ... 2. Ungazikhathazi ngabantu akade bengakukhulumisi, bebethuliswe uThixo, bebezosuke bakhulume babhede ugcine ungafikanga eKhenana.. 3. Ungazikhathazi ngabantu abahambayo nabahambile empilweni yakho, basuswe uThixo ngoba bebambazele icebo likaNkulunkulu ngawe. They were not part of iplan kaNkulunkulu ngedestiny yakho, ungabalandeli... 4. Ungazikhathazi ngabangakusizanga lapho ubadinga khona kakhulu. Bekumele bangakusizi ukuze ufunde ukuzenzela wena ngokwakho, ungancikile kubantu kodwa kuSimakade Yena yeDwa. uThixo ubebavimba ngoba azi ukuthi uma igagasi obubhekene nalo selidlulile bebezogijima kuqala bazishaye isifuba ngawe bethi nimbona nje namhlanje enje, kungenxa yami... 5. Ungazikhathazi ngabakubasela umlilo, bebekusiza ngoba ngesikhathi bekufaka emlilweni bakwenze wagqama wase uba strong kakhulu kunakuqala... 6. Nabalwa nawe futhi, yeyi ungazikhathazi ngabo, injongo yokuthi balwe nawe ukuthi babona igolide okungelula balithole, musa ukulwa nabo... 7. Ungazikhathazi ngisho nangalabo akade bekubukela phansi, bekumele benze njalo ukuze uThixo akuphakamise ngoba akabaphakamisi abaphezulu kodwa uphakamisa labo ababekwe phansi... 8. Ungakhathazeki uma indlela yakho ijikeleza, iyajikeleza yona kodwa iphephile ngoba le enqamlelayo inobungozi, inetraffic, musa ukutatazeliswa ukuthi awuqasheki vele wena wadalelwa ukuba umqashi... 9. Ungazikhathazi ngabantu abakudicilele phansi, bakwenza umata wokusula udaka lwabo, bebevulela iZulu ithuba lokwehla lizotshala ingcebo yalo eyoncelwa izizwe zomhlaba kuwe, engani uThixo uyathanda ukuzivusela Yena izimpabanga ezaleni, enze abangabaxoshwa nama-Reject emhlabeni bangabi abaxoshwa kuYe kodwa abaphendule izitsha zaKhe zengcebo.... 10. Ungazikhathazi ngabantu imikhuleko yabo esheshe yaphendulwa kodwa eyakho sekwaphela iminyaka ukhuleka kunganyakazi nokuncane. Eyabo iphendulwa ngokushesha nje ngoba nemihla yabo yokuphila iyaphuthuma, eyakho ithatha isikhathi nje ingoba kuphekwa izinto ezinkulu ngawe nesikhathi ozosiphila uzitika ngazo side njengokuza kwazo kuwe... Pho ukhathazwa yini? Konke kusebenzelana kube ngokuhle... Makababy lo lv u all
Posted on: Thu, 01 Jan 2015 00:49:07 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015