LE TEAM EYAKHIPHA I CHIEFS KUCHAMPIONS LEAGUE IYODLALA I - TopicsExpress



          

LE TEAM EYAKHIPHA I CHIEFS KUCHAMPIONS LEAGUE IYODLALA I FINAL I qembu lase DRC i AS Vita club elahlula ompetha base Ningingizimu Africa banyakenye i Kaizer Chiefs bayodlala ifinal ye Champions league ne Setif yase Algeria. Le final abayoyidlala ile okwehlulwa kuyo i Pirates nayo yakuleli, ibhaxatshulwa ngo 2-0 yi Al-ahly yase Gibhithe. Kwadumaza ukubona iqembu lakithi elidlala kahle likhishwa ekuseni ngo vivi liguqiswa iqembu elingaziwa kakhulu. Kodwa kuthobisa inhliziyo ukuzwa ukuthi labo abayidla i bayodlala i final. I final izoba sekupheleni kwalenyanga izoba nemilenze emibili. Bazobhekana ne Esetif yase Tunisia engagayelwa mphako. i Setif lena i dlulele phambili nge away goala rule ka 4-4 Thina esabona i Mazembe ngonyaka ofile i bhekene ne Pirates ku second round i yaphinde yathatha i Confederation cup bekungathi izoyithatha kalula lendebe ngoba ingekho Al-ahli yase Gibhithe okuyizitha zayo ezindala ezihlala ziyi dlisa ngama payipi. eMazembe yakhinyabezwa ukwehlwa ngo 2-1 e Algeria yathi mayithi e Kinshasa kwasho ukuthi ababhemu base Algeria abezile ukuzo difenda nabo bafuna into ekade ila emapalini e Mazembe umdlao wagcinha uphele ng 3-2 e Kinshasa kuwina i Mazembe koda lokho akusizanga ngoba i Satif yakwazi ukushaya 2 wamagoli ekuhambeni. kwaba u 4-4 Okwabuye kwafaka upelepele esilondeni uku wina kwazembangi ze TP Mzembe i AS Vita club. umdlalo we AS Vita club ne TP Mazembe ufana nomdlalo we Chiefs ne Pirates lapha eNingizimu Africa I Vita club yona yayiwina yomibili imilenze ngo 2-1 okwenza u 4-2 i shaya i CS Fxien yase Tunisia eyashaya i Orlando Pirates ngo 1-0 ngo 2007 ku semifinal yayo belu i Champions league. I final izoba ngomhlaka 24 October E Algeria kuthi kuthi umlenze wesibili ube ngomhlaka 31 e DRC.
Posted on: Mon, 06 Oct 2014 17:46:29 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015