NGIXOLELE MNTANAMI 1 IBHALWE: uNana MaJobe Sithole We oe - TopicsExpress



          

NGIXOLELE MNTANAMI 1 IBHALWE: uNana MaJobe Sithole We oe angeke uze ukukholwe okungenze namhlanje, uWendy exoxa nomngane wakhe kumakhalekhukhwini. Yini oe kwenzenjan?, ay Pretty ngizokuxoxela uma sengikubona lendaba . Ezwakala ngisho ekhuluma uWendy ukuthi ayimphathi kahle lendaba. Ufonela umngani wakhe nje usendleleni ephuma olwandle kade esashawe umoya eyopholisa ikhanda njengoba exakwe indaba yasemsebenzini wakhe ukuthi sebefuna ukumshintshela eNsimbini endaweni yaseFolweni, kanti kuyena bekusemnandi ukusebenzela khona lapha eThekwini. Ngokwakhe kuseduze futhi kwenza kube lula ukuhambisa nokulanda indodana yakhe eneminyaka emihlanu uNjabulo esikoleni. Uzamile ukubonisa umphathi wakhe ukuthi ngeke kulunge ahambe la kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. UWendy usesebenze kwaFAMSA njengo Sonhlalakahle iminyaka eyisisthupha engakaze ashintshwe la kuBoulwer Road. Ukushintshwa kwakhe kuchaza izinguquko eziningi empilweni yakhe. Lezindaba zivele zamphazamisa kakhulu emoyeni wakhe, wazithola esehleli yedwa esihlaweni esibheke ulwandle. Ingqondo yakhe ikude ithatha iyabeka ucabanga ngesimo sakhe sokungabi namuntu ongamsiza amhlalele noNjabulo njengoba nogogo wakhe ozala uThami okungubaba kaNjabulo engasekho nje, kanti noMimi usisi omsizayo endlini naye unabakhe abantwana. Kodwa into engizoyithini nje le ngempela?, ekhuluma yedwa uWendy. Uzoyixoxela mina kuphendula izwi emva kwakhe. Wathuka lapho uWendy kwachitheka isiphuzo ayesithenge kumuntu owayedlula ngendlela edayisa zona belu iziqeda koma. Hawema waze wangithusa bhuti kodwa yini kusho uWendy emva kokudonsa o mude umoya lo. Awu ngiyaxolisa nkosazane emhlophe bengingaqondile kusho umlisa ecosha isiphuzo leso ngenhlanhla esasingakapheli ebhodleleni laso. Igama nginguSiphosethu Mpanza kodwa abangani bami bangibiza ngoSethu . Esho elula isandla efuna ukuxhawula. Wakhipha esakhe naye uWendy wabe esezichaza naye ukuthi unguWendy Njapha . Isandla sika Sethu sasithambe kamnandi kodwa kuzwakala ukuthi esendoda, izinzipho zakhona zinqunywe kahle zaba mfushane, neminwe yakhona imide yebo unezandla ezinhle lomlisa. Ngezandla nje zizodwa kwenza uWendy wamthemba uSethu, nangendlela nje agqoke ngayo ihloniphekile. Ukuxhawulana kwabo kwenza uWendy wabheka okuningi kuloSethu. Wagcina eselangazelele ukwazi ukuthi lomlisa umthusa nje ubabeleni kuyena. Emva kokudwanguza kancane ngomqondo uWendy kodwa waphinde wawubuyisa ngokushesha, nokwenza wadedela isandla sikaSethu engathi izambane elishisayo, wabheka eceleni esephethwe amahloni. Ungixolele kakhulu MaSodubo bengingaqondile ukukwethusa. Into ngibone nje uhleli uthule ujulile, ngase ngithi angize la ngidlale uDr Phil lakuwena, kuthatha uSethu. Bahleke bobabili. Baxoxa nje sebehleli phansi bobabili kodwa bathe ukuqhelelana kancane. Cha uphaphile bo Sethu, uvele fune ukuxazulula izinkinga zabantu nje ungabazi kusho uWendy emamatheka ekhomba ukungaphoxi. Cha nkosazane akusikona ukuthi ngixazulula izinkinga zabantu, kodwa bengifisa nje ukuxazulula eyakho kuphela. Awusho-ke Masodubo udliwa yini le ekwenza ukuthi kuze kuphele imizuzu emihlanu yonke ungangiboni ngime eduze kwakho?. Ake athi ukuthula kancane uWendy ezibuza ukuthi ngabe imihlola yakhe yini le engavele asukelwe umuntu angamazi ambuze ukuthi unankingani. Ngiyazi nkosazane ukuthi ucabanga ukuthi ngithanda izindaba, kanti cha sisi ukukhuluma kuyasiza kanti nami ngimuhle ekulaleleni . Cha ngiyaxolisa bhuti ngeke ngikwazi ukukhuluma izinkinga zami nomuntu engingamazi, futhi sengiyahamba manje usale kahle ngibongile ukukwazi. Asukume uWendy ashiye uSethu ehleli kanjalo phansi, noSethu angazihluphi ngokumlandela kodwa ambuke aze ayosithela. Akazihluphanga nangokufuna inombolo kamakhalekhukhwini uSethu ngoba wayazi yena ukuthi uzomthola kanjani uWendy. Ukuhlangana noSethu kwase kumsizile kancane uWendy ngoba wayesethole enye into azoke athi ukucabanga ngayo. Uthe efika nje endlini kungakapheli ngisho nemizuzu emingaki engenile, kwangena umngani wakhe uPretty. We oe awungiphuthume kwenzenjani? Yini lena obowuthi uzongixoxela yona?, kubuza uPretty kungasahlaleki naphansi. Hawu! Awukahle Pretty akuve uzithanda izindaba mngani, awume kancane ngiyothela isiphuzo, futhi lezindaba azijabulisi neze Kusho uWendy eyongena ekhishini ebuya nesiphuzo esibandayo kwazise nelanga belishisa. Bahlale phansi baxoxe uWendy noPretty ngalendaba yokushintshwa kukaWendy emsebenzini nangendlela emphazamisa ngayo emphefumulweni. Amzwele kakhulu uPretty umngani wakhe, phela sebefana nodade ngoba baqala ukuzwana besenza unyaka wokuqala enyuvesi. Kubo bonke abangani aseke waba nabo uWendy akekho ofana noPretty, ngoba waze wamazisa nasemndenini wakubo, nabo bandla bamamukela ngezandla ezithokomele. Phela uWendy lona wabe ekhuliswe ngugogo wakhe ngoba unina wamshiya esawusana, kanti noyise wamphika esasesiswini sikanina. Nokwathi makushona ugogo wathathwa ngu Miss Mlambo uthisha owayefundisa esikoleni afunda kuso uWendy efunda ibanga lesibili. Wahlala naye waze waba neminyaka eyishumi nane, nokuyilapho ahlukana naye ngenxa yezimo ezithile. Uhlangana noPretty nje usedlule kobuningi ubunzima lobu, wathi mayehlangana noPretty enyuvesi wamemukela ngentokozo bazwana kakhulu, baxoxelana ngazo zonke izinkinga asebedlule kuzo. uWendy waxoxela uPretty nalokho okwabe kuyimfihlo enkulu kuye angakaze ayixoxele muntu. Lokho kwenza uWendy amthande kakhulu uPretty ngoba akazange amehlulele noma ambalekele, okunalaokho wamsondeza kuye njengomngani wamazisa nasemndenini wakhe wajike wayilunga elisha lomndeni wakaNgcobo. Wahlala nabo waze waphothula izifundo zakhe zobuSonhlalakahle. Ngeke alukhohlwe usuku athweswa ngalo iziqu, lapho uMaZuma umama kaPretty ekikiza kuduma ihholo lonke ngenxa yenjabulo. Nakuba sekuphele iminyaka eyisihlanu ashona uMaZuma kodwa uWendy usamkhumbula namanje ngokuba umama oqotho kuye . Emva kokuthola umsebenzi wanquma ukuba aphume kwaNgcobo ayozitholela eyakhe indawo yokuhlala. uWendy, wayesekhule ngokwanele ukuthi usengakwazi ukuzimela futhi esethole nesoka elimthanda kakhulu uThami Khwela. Empeleni nguye uThami owaqhamuka nombono wokuthi azitholele indawo yakhe yokuhlala uWendy. Waze wamtholela leFlat eThekwini elikuVictoria Embarkment ngasogwini lolwandle emgwaqweni omncane u-Albany Grove. Yize babengahlali ndawonye uWendy noThami kodwa babebonana zonke izinsuku ngoba bobabili basebenza khona lapha eThekwini. UThami lona ungowaseMbumbulu ngokuzalwa kodwa uhlala elokishini iNanda ukusondezela umsebenzi. Lapho eNanda unomuzi onamakamelo amabili, nokwakwenza kube lula kuWendy ukuthi aye noma kunini ngoba kungekho muntu omdala. Babeshintshana ngokuvakashelana, phakathi nezinsuku babechitha isikhathi eFlethini likaWendy, kanti ngezimpelasonto babe senanda emzini kaThami. Uthando lwabo lwaluvutha impela ngoba akukho ababengakwenzi bobabili, bekhuthazana futhi besekana kokuningi. Impela uWendy wayesebona ukuthi usethole umyeni azoshada naye. Nakuba odadewabo kaThami babengamthandisisi kahle ngezizathu angazazi naye, kodwa kwakungamkhathazi lokho ngoba uthando lukaThami lumenelisa, engenandaba ukuthi omunye umuntu ucabangani. Kwaba mnandi kuWendy sekukhona uThami empilweni yakhe, nokwathi kuphela unyaka wabe esekhulelwe. Nakuba uThami wabe enayo indodakazi komunye wesifazane kodwa wakujabulela ukuthi usezoba ubaba futhi. Kwase kuthi ngenxa yokungaphatheki kahle kwakhe empilweni uWendy wase ebeletha ngenyanga yesikhombisa ebeletha ngomthungo, (hawu kwamphinda futhi lokho). Ukuzalwa kwendodana yabo kwaba injabulo enkulu kubona bobabili baze bametha elikaNjabulo. Kwahamba amasonto akha izinyanga uNjabulo afika kulaba ababili, futhi babejabule ngempela kumnandi kudelile. Nokwathi lapho uWendy esebuyela emsebenzini njengoba ayesemaholidini njengomuntu obelethile, uThami wase emtholela usisi ozomsiza ukumgadela umntwana. Indaba kaWendy noThami yonakala lapho uThami eseshintshelwe kwenye indawo emsebenzini, esesebenzela eMzimkhulu. Kwabe kungekude kona kakhulu kodwa engeke akwazi ukubuya zonke izinsuku, ngakho kwakuphoqa ukuba abuye ngezimpelasonto. Kwaqale kwanzima nokho kodwa kwagcina sekujwayelekile, noThami efona zonke izinsuku ebuya futhi njalo ngezimpelasonto ingekho emdlulayo. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi waqala manje uThami wadlulisa izinsuku ukuthi afone, uma kufona uWendy angalubambi ucingo noma uWendy aluthole luvaliwe. Uma embuza akhale ngokungadonsi kocingo nangomsebenzi omningi. Nokubuya kwakhe kungasezona izimpelasonto zonke sekuba kanye enyangeni. Kwaqala kwanzima ukubhala ngokuhlanganisa kulentokazi yakwaNjapha. Isizungu sidlala ngaye futhi emkhumbula kakhulu uyise womntanakhe, kodwa kungekho angakwenza ngoba umsebenzi owawubambe isthandwa sakhe, ekubeni naye futhi wayefisa ukuzibona esengu Mrs Khwela ngelinye ilanga. Ukuba kude nesthandwa sakho kuphathisana ngomzwangedwa, bheka ngoba noThami lokho kwamholela ekutheni azithole esesezandleni zomunye umuntu wesifazane. Noma ayenakho ukumsola uWendy kodwa kwakugcina lapho ngoba uThami wayehlezi eqinisekisa ukuthi nguyena yedwa osempilweni yakhe. Nakho-ke ngenye impelasonto uWendy enquma ukuya eNanda emzini kaThami eyovula nje ashayise indlu ngomoya kwazise kade kwavalwa, futhi lalikade lina kakhulu kulezonsuku efuna nokuyobheka ukuthi amanzi awangenanga yini endlini. Ngaphambi kokuba ahambe waqale washayela uThami ucingo efuna ukumazisa kodwa lutho ukumthola ucingo lwakhe lukhala lungabanjwa. Kodwa akumhluphanga lokho ngoba wabe enabo okhiye abasikelwa uThami. Ngenhlanhla enkulu futhi imoto yomsebenzi yabe ingakuye ngaleyompelasonto, wayisusa waqonda khona eNanda. Okwamangaza kakhulu uma efika khona ukungakhiywa kwesango emzini kaThami, ngoba lihlale likhiyiwe njengoba kungahlali muntu nje. Kuthe esakhungathwe yilokho uWendy kwaqhamuka umama wakamakhelwane eyochitha amanzi, uthe uyambingelela uWendy lomama wavela washalaza wangaba nasikhathi kanti phela base bejwayelene . Selokhu azi ukuthi uWendy ungusonhlalakahle bebehlale bexoxa embikela nezinkinga zakhe lomama. Wavele wadideka nje uWendy ukuthi ngabe kwenzakalani, akabanga esayingenisa nangaphakathi imoto wavele wayipaka lapho ngaphandle kwesango wangena esengena ngezinyawo. Wathi efika nje emnyango kwase kumcacele ukuthi kukhona umuntu ongaphakathi endlini ngoba wathi eseza buqamama wabona kuphenyeka ikhethini lasekhishini. Kwaba ukufika nje emyango wavula ngezikhiye zakhe waphoseka ngaphakathi. Mameshane! Ubani futhi lona amfica ngaphakathi ngoba uthe akabuyanga kulempelasonto. Phela wabe efica uThami emile phuhle phambi komnyango ongenela endlini yokulala. Thami ubekwa yini futhi lapha ngoba uthe awubuyi? kubuza uWendy. Eh.....eh sthandwa sami lalela kungingiza uThami sekome amathe emlonyeni ngenxa yovalo, phela ubengalindele ukuthi uWendy angafika lapha kwakhe. UWendy uthe mayebona ukuthi uThami akanayo impendulo wabe esecela ukudlula aye endlini yokulala. Ngicela ukudlula Thami kusho uWendy ngokufutheka ngoba kwase kumcacele ukuthi kukhona okudla amantshontsho emsamo. Ay baby ngeke kulunge kugoloza uThami. Kanti Thami kwenzakalani , yini inkinga yakho ngempela? kubhavumula uWendy esevutha engabaselwe. Kuthe kusenjalo kwazwakala kukhala umakhalekhukhwini, kwathi ngoba owakhe uThami uwuphethe ngesandla kwavele kwazicacela ukuthi kukhona umuntu ongaphakathi egunjini lokulala. Maye!! Yavele yawuchitha umuthi inkonyane ngoba wavele waluphendula ucingo usisi ongaphakathi ekamelweni. Wasuka lapho uWendy wafuqa ngamandla wadudula okuwuThami kwaphoseka laphaya maqede wangena ngaphakathi engasadle nkobe zamuntu, wafike wangabe esabuza washo ngesibhakela entokazini eyabe ihlezi phezu kombhede izigqokele ezokulala ingalindele kwampi. Wafaka zambili maqede wayihlala ngobhongwane entanyeni, nokuyilapho uThami wafike wabamba uWendy wamthela impama maqede wamkhomba indlela. Wabuyela emumva esedangele uWendy, kuhlangene konke ukudideka ukuthukuthela kanye nezinyembezi. Wathi eseyophuma ngesango wahlangana nomama wakamakhelwane, yena kanye lona obekade emshalazela. Lomama wase emlandisa lonke udaba ngoThami, esho nokuthi ufika zonke izimpelasonto ehambanayo belu lentombi lena uWendy ayifice endlini. UWendy uthola manje nje, kanti indaba kade yaqala yena engazi. Akubanga khona ukuncengana phakathi koThami benoWendy kwaba sekungukugqashuka kwegoda lokho. Yabe seyimthathile uThami intokazi yaseMzimkhulu, babuya bazohlala ndawonye emzini kaThami lapho esebuyele eThekwini ngokomsebenzi uThami. Sekuphele iminyaka emine uWendy ahlukana noThami, kanti ubengakaze azibandakanye kwezothando. Kwala ngisho uPretty esemncenga ezama ukumhlanganisa nabantu besilisa kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Uvele asho kahle ukuthi ngiyamsaba umuntu wesilisa uyisilwane esingenanembeza. **************************************************************** Emva kokuxoxela uPretty lendaba yokushintshwa kwakhe emsebenzini kwake kwathi ukubangcono kancane, ngoba ngalobobusuku walala kahle ezovuka ekuseni alungise izinto zakhe. Phela umphathi wakhe wayethe zintathu izinsuku azozisebenzela eNsimbini, kanti ezimbili uzoba seThekwini. Ngakho isidingo sokuthutha kuWendy sabe singekho. Kuphela nje uMimi kwase kufanele angene ngaphambi kwesikhathi abejwayele ukungena ngaso ngoba uyena osezolanda aphinde ahambise umfana kaWendy uNjabulo esikoleni, kanjalo nomholo wakhe uMimi wase uzonyuka. IYAQHUBEKA.
Posted on: Wed, 29 Oct 2014 16:00:32 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015