Ngelinye ilanga endaweni thizeni emva kokwendlula kwesiphepho - TopicsExpress



          

Ngelinye ilanga endaweni thizeni emva kokwendlula kwesiphepho nemvula enamandla, kwafika abezimo eyphuthumayo , bezobheka umonakalo owenziwe yizikhukhula nomoya owawunamandla, Bathi uma befika endlini yomama othile, bafika indlu yonke iwile, bathe uma beyihlolisisa bawubona umzimba womama, uhleli ngendlela engaqondakali, ngoba wayeguqe ngamadolo okungathi ngumntu obethandaza, izandla zakhe zibambelele entweni engathi yisitulo, kwenzeke into engathi yi-bridge; le ndlu yakhe, ithe lapha ekuweni kwayo, yamephula iqolo kanye nentamo, ngobunzima abathe babuthola kulomuzi, bazamile ukusondela kulo mama, ngethemba lokuba usaphila, kodwa ke ngeshwa, bamfumene eseshonile, bathe sebebonile ukuth umama lo akasekho, baphuma bayokuhlola ezinye izindlu eziwileyo ukuba befuna ukubona ukuba bangatholani okunye.... For some reasons, omunye wabahlengikazi ababelapho wafikelwa yinto ethi makake acele kubaphathi bakhe ake aphindele emuva kuleyandlu kukhoninto afuna ukuphinde ayibhekisise...... Lo mfo uyewafika waya ngqo kulendawo ilele isidumbu salo mama, waguqa ngamadolo, wampampatha lapha ngaphantsi kwalomama. Ababephandle bethuswa wukumemeza kwalo mfo, ezwakala ngathi ujabulile, A child! There is a child! bonke ke ababantu bahlala basebenzisana ukuzama ukukhipha lo mntwana phantsi konina, ekugcineni baze bakwazi ukumkhipha. Bathi ma bembuka, bamfumana ukuba wumfanyana engaba na 3months or 4 usongelwe engubeni, kwakucaca ke ukuba lo mama, wayezama ukukhusela usana lwakhe ukuba lungalimali.... Baze bathola ukuth lolusana lusalele. Bathe uma bevula ingubo yakhe, bathola ukuth kukhona iCellphone lapha phakathi kulengubo. Kule Cellphone ke bathi ma beyivula bafica kukhona umbhalo othi: IF YOU CAN SURVIVE, YOU MUST REMEMBER THAT I LOVE YOU. This cell phone was passing around from one hand to another. Every body that read the message, wayehlelwa zinyembezi ngenxa yobuhlungu nomunyu owawulapho IF YOU CAN SURVIVE, YOU MUST REMEMBER THAT I LOVE YOU. Such is the mothers love for her child! umkhumbule ke uMenzi wakho ngemihla yobusha bakho, Noma ngabe usunemali engakanani emhlabeni, usuze uzibone ufanele ukuhlonishwa, noma ungafunda kangakanani uze uphume komabona kude ngenxa yeziqu kodwa wokhumbula umhlengi wakho yena okuholayo ezindleleni zonke wazi ukuth ukube wayengenawe ngabe wafelendleni..........
Posted on: Mon, 29 Sep 2014 06:21:04 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015