Ngibonga ubukhulu namandla kaMoya Oyingcwele, okwazi ukuthi - TopicsExpress



          

Ngibonga ubukhulu namandla kaMoya Oyingcwele, okwazi ukuthi akukhombise izinto ezingakokwenzeki. U Isaiah wathi eminyakeni ewu 500 ngaphambi kokuba kuzalwe uJesu, wathi ku chapter 53:5 Ngemivimbo yakhe saphiliswa. Ukhuluma ngoJesu aze afa engamubonanga, waphinde wakhuluma nge past tense kodwa ingakokwenzeki. Uthi saphiliswa, kodwa lomuntu wemivimbo engakabi khona. UJehova wamuthatha u Isaiah, wamuvezela i testament elisha yize ayekwelidala. Amandla of the prophetic word. Into emnandike mtakababa ngesiphrofetho sangempela underline, sangempela, kumele sibe nofakazi osisekayo ukuthi ngempela ngempela kunjengoba kushiwo. U Isaiah akasekho uma uJesu ebethelwa, kodwa kwasala umqingo ngemuva owawubhalwe u Isaiah. Uma u Petru ewuvula, ubona isimanga sento encwadini endala eseyashintsha ngisho umbala. Ithi incwadi Ngemivimbo yakhe, saphiliswa. Wavele wathula ubufakazi u Petru ku 1Peter 2:24 uthi ngemivimbo yakhe siphilisiwe. Usekhuluma ngento ayibonile yenzeka usefakazela okwashiwo u Isaiah, kodwa ngoba yena lento yenzeka uyayibona, akasho ukuthi saphiliswa, kodwa uthi siphilisiwe. Ngamanye amazwi, before size sigule, sesiphilile already. Uma kuzamazama umhlaba (Earthquake) kuba khona lento ekuthiwa i aftermath. Usuzamazamile umhlaba kwadlula, kodwa kusala amazubela, abika ukuthi bekunokuzamazama komhlaba. Ngakhoke uma uzizwa ugula, kusuke sekwamazubela okufa okwakukhona uJesu engakalengi esiphambanweni. Inkingake yabantu ukuthi babheka amazubela, bese behamba ngamazubela, kanti amazubela nje awanabungozi. Angime lapho. Sanele B. Gumede
Posted on: Fri, 29 Aug 2014 07:02:36 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015