Ngicela ungifihle, uposte bese uyangazisa. Ngingumfana on 26, - TopicsExpress



          

Ngicela ungifihle, uposte bese uyangazisa. Ngingumfana on 26, ngihlala eGoli kodwa ekhaya kukwa Bulawayo eZim. Ngihlala nentombi yomZulu ebuya e Melmont, sine ngane enonyaka nezinyanga ezimbalwa. Ngiyabathanda bobabili nengane. Siphila kahle nje mina ngiyaspana. Inkinga nansi, lo sisi uthi ngoba kuphela unyaka yena uyahamba uphindela kubo noma ayohlala no sisi bakhe eMandeni. Uthi uhamba for good akasabuyi, manje inkinga bafwethu nani niyawazi ama relationship we long distance, ma ngimbuza isizathu uthi umama wakhe akathandi ukuthi ahlale lana, ebengingakuthandi ukuthi ingane yami ikhule ihlupheka ngaphandle kwami, engingakwazi ukuthi uphezu kwani lomntwana coz akakaze ayenze lento before futhi asikaze sehlukaniswe ngabantu. Ngicela izeluleko bafwethu. Nina abenhlamba no bandlululo qhubekani ngiyazi bakhona abazongisiza.
Posted on: Tue, 19 Nov 2013 23:15:14 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015