QUALITY vs QUANTITY kulezizinsuku zethu uma kukhulunywa ngothando - TopicsExpress



          

QUALITY vs QUANTITY kulezizinsuku zethu uma kukhulunywa ngothando umuntu ufikelwa imali, ukubhebhana, ubuhle nokuma kahle emqondweni. Yebo into enhle leyo vele akekho oziphupha ethandana nomuntu ongenamali, omubi ongakwazi ukubhebhana. Kodwa mina ngokwami ukubona ngithi: Uma sixoxa ngothando sisuke sikhuluma ngomuntu omuhle ngaphakathi (onesimilo, ohloniphayo, okwaziyo ukubonga, ukubekezela nokunakekela, ozithobile noma othobekile ukubala okumbalwa.) Ubuhle bangaphandle abusho lutho uma ngaphakathi ubolile ungenazo izinsika zothando ezinye zazo engizibale ngenhla. Nsizwa mungakwazi ukuthanda unakekele imali nobuhle nemoto yakho iyize leze. Uma ungenasimilo uqoma/uqonywa abancane abadala abakhulu abancane ubuhle nokubukeka kwakho kuyize leze. Noma ungamuhle ubukeke kodwa ungakwazi ukuzihlonipha awuthandeki. Mfana ziyaphela izinhlamvu esibhamini uyathamba ubhanana. Ntombazane uyathamba umzimba ushukela kagogo uzophelelwa incasa. Ubuhle bentombi ubuntombi bayo obensizwa ubunsizwa bayo akekho ozokwakha umuntu nentombazane kungasekho lutho esibayeni. Mfana akekho ozoshada nawe usuthambile ubhanana. Iba muhle mfana/ntombazane kodwa lokho akungasho ukuhambe udedela noma ikephi noma ikubani ngoba enemali, imali nobukhazikhazi akulona uthando. Nika umuntu omthandayo hhayi wonke umuntu okuyenga ngobuhle nemali. Asingahlanyiswa imali sikhohlwe izinsika zothando. Imali ilandela kamuva uthando ilona phambili. Wena nobuhle usazosala bobe sebekuqedile abafana nawe mfana obukekayo odlisa ngemali nezimoto uzosala singasenanhlamvu isibhamu. Lapho bayobe sebefuna abazobathanda babahloniphe bese bakha umuzi wena uyobe ugugile nobuhle bakho. Funda ukubona umuntu oze ngothando noze ngokuhalela ubuhle nemali yakho. Akulona icala ukuba muhle kodwa busebenzise kahle ubuhle bakho. Bukwakhele umuzi nothando lweqiniso. Kungabi indlela yokudayisa ngomzimba ngoba uthi umuhle. #Mathamnandi :p
Posted on: Thu, 12 Sep 2013 13:13:21 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015