Sibiya, Sotobe, Gazu! Wena Sibiya ngenkom abafokazana bebiya - TopicsExpress



          

Sibiya, Sotobe, Gazu! Wena Sibiya ngenkom abafokazana bebiya ngamahlahla! Ndaba, Gumede kaNdaba, Khathi, Manyelele, onyelela njengentomb iy esokeni! Nina bakwa nkom isengelw emaweni, ingasengelwa esibayeni, akuyona eyakhona! Sikhobobo sikaMabhabhakazane! Imvelaphi yakoSotobe! Isizwe sakwaSibiya bebe ngochwepheshe ekucupheni izinyamazane, lokhu bekwenza njengento ewumkhuba nomdlalo olidumela kanti futhi nemfuyo ibibathanda ikakhulukazi izinkomo. Bebefuye imihlambi ngemihlambi yezinkomo. Lezizinkomo bebezithola ngenxa yokuthi bebeganiselana namakhosi amakhosazana abo bese inkosi ibaxoshise ngomhlambi wezinkomo uma sekulotsholwa. Phela oSibiya basuka kuMalandela obeyinkosi yamaNguni endlini enkulu. UMalandela ubekade ezele uZethembe owayezalwa endlini enkulu bese kuba uZingelwayo. Kwathi lapho uMalandela esekhotheme, uZingelwayo waqoqa imigodla yakhe wangena indlela wayokwakha ngaseMakhosini wasuka eMhlathuze. UZethembe yena waqoma ukusala. Phela ngenxa yobukhosi basendlunkulu, kukhona obekufanele engamele ubukhosi phakathi kwezinsizwa zombili. Ubukhosi bathathwa nguZethembe wase ezala inkosi uGazu ezale iNkosi uMdladla noSotobe. Ukuhamba kuka Zingelwayo eshiya kwaMalandela kusolakala sengathi wayededa inkundla enzela umfowabo ukuthi angazizwa ephazamisekile ebukhosini noma ezwela ukuthi angaketulwa noma inini ngoba phela ubukhosi babulwelwa emandulo. USotobe yena akazange abe yinkosi kodwa ngenxa yokuxhumana kwakhe kakhulu noShaka nokuba yisikhulu sakhe, kwamenza adume kalula. UMdladla uzale inkosi uMqeku, kwathi inkosi uMqeku yona yazala inkosi uMheqwa. uMheqwa yena uzale inkosi uNgobe, uNgobe wazala iNKosi uMxa noNogwaza, uMagamanxa uzale iNkosi uMhluzana, uMhluzana uzale iNkosi uSoso, uSoso wazala iNkosi uMthole. UMthole nguyena obeyinkosi yokugcina kulendlu kaZethembe. Unyaka abusa ngawo kwaku ngu 1915. UNogwaza wayekade eyinduna enkulu yomntwana uHhawu kaMpande kwaNgenetsheni (kwaMfemfe) eBaqulusini. UNogwaza uzale uNtshekula, yena wazala uBekayiphi, ozale u Edward, ozale iNkosi uThamsanqa Kennedy Sibiya obusayo njengamanje. Uzalo luka Nogwaza luKwakhiphunyawo emzini waseNtumbane phesheya koPhongolo. Idlinza likaSotobe kaGazu liseNtumeni eShowe lapho kukhona abendlu kaGazu. UNogwaza uzale uMtshekula, uMtshekula wazala Bheyiphi. uThamsanqa oyinkosi ebusayo eSimdlangetsha njengamanje ungumzukulu kaBhekayiphi. Njengayo yonke imibuso lapho kohlale kubangwa khona ubukhosi, nakhona lapha buke babangwa ubukhosi eNgonje, lapho kuqhamuka khona indlu kaNogwaza okuyibona ababusayo njengamanje. UZingelwayo kaMalandela uzale uNdaba, uNdaba wase ezala uMadondo endlunkulu noManyelela. UMadondo kaNdaba endlunkulu uzale uNtshontsho, kwathi uNtshonstho wazala uMhlazana. UManyelela kaNdaba wasekhohlo endlunkulu yakhe uzale uMaqulu, uMaqulu uzale uGafudaba. Olunye lozalo ngaphansi kuka Manyelela, uBhulingwe owazala uMpisi enye yamadodana kaNgobe uMabhabhakazane ozale uSikhobobo iqhawe lasebaQululisini. Kafuphi oSibiya badabuka kuMalandela inkosi yamaNguni base beba yisizwe ngokwesibongo sabo njengazo zonke izibongo ngaphansi kweNkosi uShaka iSilo esahlanganisa amakhosi ayewahlasela awanqobe. English Summary The descendents of their history and family tree is drawn above and shows that they are a generation of Malandela the king of the Nguni. The Sibiya clan were not very popular as war warriors but were good in hunting. They were also very wealthy and had lots of cows hence their surname even says they never use fencing to surround their kraal for protection against enemies and wild dangerous animals but they had so many cows that they used the cows for that. #Sibiya
Posted on: Wed, 23 Jul 2014 09:51:07 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015