Tembe AbakwaTembe - TopicsExpress



          

Tembe AbakwaTembe ! .................................................................... Abantu bakwaTembe badabuka phakathi nezwe laseMuzambikwe(Central Mozambique). Imvelaphi yabo impela isenkabeni yezwekazi laseAfrika(Central Africa) lapho kudabuka khona izizwe eziningi. Kuthiwa babakhe phakathi kwemifula iMabhudu kanye noMtembe. Sengathi yilo mfula owaveza igama abantu bakwaTembe ababizwa ngalo, ngoba kuthiwa ekufikeni kwabo ngasogwini lolwandle babe sebebizwa ngabakwaTembe. Isizwe sakwaTembe sasehlukene kabili ngobundlu baso. Kwakukhona indlu enkulu eyayakhe phakathi komfula iMabhudu kanye nolwandle. Kwathi ekugcineni kwathiwa ngokwesiko labo lena yindlu encane. Akekho owaziyo ukuthi lokho kwakushiwolani. Kuthiwa laba bantu bakwaTembe babekhuthele belima,befuye. Kanti laba,okwagcina sekuthiwa iyona ndlu enkulu, babakhe phakathi kwemifula iMabhadu kanye noMtembe. Kuthiwa inhlalo yalaba yayingahlelekile. Bengakhuthele nakakhulu. Impilo yabo yayencike kakhulu kule ndlu abathi ingencane, ngokudla nangohwebo. Kuthiwa abantu bakwaTembe babetshala ummbila, ubhatata, amantongomane, izindumba(imbumba). Babedumile futhi nangemisebenzi yezandla. Babencibilikisa insimbi nethusi, ababekumba phansi. Lokhu babenza ngakho amageja okulima, bakha izimbazo, imikhonto, amasongo nezinye izinto zokuhloba. Kanti babaziwa futhi nasekubazeni amabhodwe, izingqoko, izinkezo, izixembe kanye nezinye izitsha ezakhiwa ngokhuni. Kuthiwa umuntu owaba ngumsunguli noma inzalabantu yalesi sizwe kwaba nguTembe, ethiwa ngomfula uMtembe ngoba azalelwa khona. Kuthiwa lo Tembe wayengozalo lukaNdawu iKaranga. Kuthiwa labo Tembe abaseNyakatho nekwaZulu baqhamuka lena enhla bewela umfula iNkomazi(Nkomati). KuseMuzambikwe lapho zehlukana khona izizwe zakwaTembe. Indlu encane yakwaTembe lena yangena eNyakatho nekwaZulu. Igama elithi Mabhudu lashintsha kwathiwa Maputa. Phela umfula uPhongolo ubizwa ngokuthi iMaputo uma usungene ePutukezi. Isizwe sakwaTembe esakhe eNyakatho nelaKwaZulu kuthiwa isizwe saMabhudu(Maputa). Nendawo abakhe kuyona kuthiwa iMabhuduland(Maputaland). Kuthe ngesikhathi sokukhothama kukaHluma, kwathi omunye wabafowabo uNonkantsha wafuna ukubeka enye yamadodana omfowabo uMakhasanyana esikhundleni sikaHluma, esikhundleni sokuba kubekwe indlalifa kaHluma enguNoziyingili. Yilokhu-ke okwenza ukuba abaleke kwelakubo ayocela usizo enkosini yakwaZulu okwakunguMpande kaSenzangakhona ngaleso sikhathi. UMpande wawathumela amabutho akhe ayeholwa nguNongqiwu indodana kaMgobhozi wakwaMsane. Yabambana phezu kukaNondaka umfula ongenela oSuthu. Wabulawa-ke uNonkantsha nalona ayembeka uMakhaasanyana. Wasithatha-ke isikhundla sakhe uNoziyingili. Kwathi ekukhothameni kukaNoziyingili, kwatha esikhundleni sakhe indodana yakhe uNgwanase. Kuthiwa nguyenaowaba ngumqambi wangempela weTongaland Kingdom(Umbuso wamaThonga)ngonyaka ka1887. Lo mbuso wawusakhelwe khona eMuzambikwe, kodwa kwase kuqalile ukubusa kwaMaputukezi ngaleso sikhathi. Kwaba khona ukushayisana phakathi kwamaPutukezi namakhosi ayebusa kulendawo esaqala ukwandisa umbuso wawo. Kwathi ngo-1890, aqala ukuxosha amakhosi endawo angavumi ukuthela kuwo. UZambili indodakazi kaSobhuza inkosi yaseSwazini ongunina kwaNgwanase wathatha uNgwanase(owayemncane ngaleso sikhathi esizwa nguyena unina ekubuseni)wabaleka naye waya ngakwaZulu, waze wafika kwaNongoma enkantolo yakhona sekuphethe izimantshi zamaNgisi. Imantshi eyayikhona ngaleso sikhathi uMnu. Foxon, wamthatha uNgwanase nabantu bakhe wayobabeka endaweni ephakathi nePhelindaba kanyenechwebakazi iKhosi(Kosi Bay) lapho bafike bahlala khona ngokuthula, kuze kube manje. Sebaziwa njengabantu bakwaMhlabuyalingana, eMaputa kwaNgwanase. .............................................. Ubukhosi bakwaTembe UTembe Sikuke Ludahumba Silambonya Indlu enkulu. Indlu encane Muhali Mangobe Mayetha. Mabhudu Mabhongwana. Mwayi. Bhukuda. Makhasana Mabayi. Hluma. Bhukuda2. Msongi (Felephu). (Noziyingili) Ngwanase Mzimba .. ........................................................................ Izithakazelo zakwaTembe ! Mthonga Tembe Mlawu, Ngolanyama Khamangathi, Khamelabahloti Mlawu wantshenga Nyomfi wandawu Kabahlomeli Hlomela hlomela Adingi omnyama Kameli bahluthi Ngwanase Noziyingili
Posted on: Fri, 06 Jun 2014 10:47:12 +0000

Trending Topics



icsexpress.com/Thoughts-on-the-World-Peace-day-Immediate-topic-1412679425615473"> Thoughts on the World Peace day........Immediate

Recently Viewed Topics




© 2015