Thando ungenzani?! Ngangifungile ngathi angsophinde - TopicsExpress



          

Thando ungenzani?! Ngangifungile ngathi angsophinde ngkwemukele enhlizweni yami noma sekunjani.. Ngangithe mina angsophinde ngizidlise satshanyana ngakuwe! Konke lokhu ngangikufungiswe ubuhlungu bengebhungebhu yesilonda owawungshiye naso enhlizwen yami. Kepha namhlanje ukujikile konke lokho wena enhlizweni yami hawu! Thando kanti ungenzani?! Inhliziyo yami usuvele wayiphendula yamsulwa maqede yabukhohlwa ubungozi bakho.. Nakhu phela manje usubuye ngamandla enhlizweni yami aybo! Nakhu wena ungasanqandeki usushisa izikhotha manje! Kulena yami inhliziyo kunamagagasi kugubhazela uthando oluyisimanga, ngiyamthanda umtanomuntu angzenzisi. Kweyami imicabango nasengqondweni kudlala ifilimu yesithombe sakhe! Thando kanti ungenzani?! Thando tshela mina awuzungshiya yin ngkhala futhi?? Tshela mina wena awuzukungshiya yin nengozi engeqiwa ntwala nomzwangedwa ekugcineni?! Kungani ngibe yisehluleki kangaka mina makuziwa ngakuwe na?? Kodwa ngikuvumele kanjani lokhu ukuba kwenzeke njoba namanje ngisanovalo, ngisakwesaba kakhulu? Ngoba ngangith sengikubambile sengyakwazi, pho usungidide kanjani futh manje?! Thando kodwa ungihlolela mhlola muni? Njoba usuzishutheke enhlizweni yami maqede wangthandisa ingane kaMbomvu kangaka, ekugcineni wena awuzukungijikela yini na? Phela wena awukaze ube nama (happy endings) eyakho induku uhlale uyifihle emqubeni.. Thando kodwa ungithole kanjani na?? Abaningi bayaye bethi wena awuboni, kumanje abaningi abakufisi neze! Mina ngiyakwemukela enhlizweni yami ngoba vele angina (choice), Engani wena usungididile maqede kwabusa wena kwelami ingaphakathi. Kodwa engkushiya nawo uze ungayephuli inhliziyo yami ngoba phela yithuba lakho lokugcina ngci leli! ***Mthoko Nzuza***
Posted on: Sun, 27 Oct 2013 17:24:25 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015