UMLANDO WAKWA-MTHOMBENI Abakwa-Mthombeni baziwa ngokuthi - TopicsExpress



          

UMLANDO WAKWA-MTHOMBENI Abakwa-Mthombeni baziwa ngokuthi bango-duma noma Dlangisa,Mseleku,Lwandle,Magagula,Ntenga,mvenya,Dumisa Laba ke kuthiwa bafikela eSwazini phecelezi Swaziland bafika bakhonza khona Abakwa-Mthombeni bebengha hambisani nombuso wase swazini okwagcina enye indoda yakwa-Mthombeni igagula igama lenkosi yamaSwati Abantu bonke bethuka ngoba kunge jwayelekile ukubiza inkosi ngegama Abase swatini base bethi laba bantu sebengo Magagula Ilapho kwasukela khona isibongo noma isthakazelo sakwaMagagula uMthombeni uqobo wayehamba nabantu bakhe umnini sibongo uMthombeni uMthombeni wazala uDuma uDuma wazala uLwandle uLwandle wazala uSibhuzikazi uSibhuzikazi wazala uMenzelwa uMenzelwa wazala uMpanga uMpanga wazala uThabisa uThabisa wazala uMvenya lo esenidume ngaye uMvenya wazala dumisa uDumisa uyena odume ukudlula wonke amadlozi akwaMthombeni emlandweni wakithi Uyise uDumisa bekuthiwa nguMvenya kahle kahle ubena madodana amaningi okubalwa kubo uDumisa Ndodane Mseleku Dlangisa UMan etc Kuke kwafika impi esizweni sikaMvenya okwenza amadodana akhe ahlakazeke ehamba nabalandeli babo UDumisa uhambe nodadewebo uNomtshephana bayakhosela kusizwe sabathwa ilapho uNomtshephana ufike wabona insizwa enhle waqoma ukugana kuyo Insizwa yabathwa Uma ungaya entabeni zokhahlamba uthola oMthombeni abazibiza ngabathwa abanye bakhona bazibiza oMathebula Abathwa bavumela ukufundisa uDumisa imfihlo yabo jengoba uDumisa sethathwa njengoMkhwenyana Lokhu kwenze uDumisa eseyinyanga enkulu esabekayo kuleso sizwe sabathwa namaphethelo eyinyanga ehlula abathwa ngemithi abamfundise yona Baze bamenza umholi wabo UDumisa waphatha isizwe sabathwa uDumisa ugcine seyokhosela phansi kaNombewu Dlamini lapha wafike waba yisilomo Abakwa-Dlamini bagcine sebefuna ukumbulala ngoba benomona uDumisa ubaleke wayohlala nomfowabo uMseleku ngase mfuleni unkomazi river uDumisa ugcine esiyo kwakha isizwe sakhe ehlathini ebelingena mnikazi njengoba beligcwele izilwane eziyingozi UDumisa usebenzise ukuzicupha (ukuthiya) ngemithi yakhe Izilwane zaphela nyaaaaa wazihlalela nabantu bakhe abamlandelayo LALELA USHAKA WASIZWA UBANI UKUTHI AQINE AKHE ISIZWE SAMAZULU UShaka ubethanda uDumisa Mthombeni emthandela ukuthi uthola iNtelezi kithi. (Jabula mthombeni isizwe simi ngawe) Ushaka ubethola intelezi nenyama yezinyamazane ibihlala iningi lapha kwaDumisa okwagcina sokwenza ushaka abize umuzi kaDumisa ngokuthi KuseMZINI WEZINTO (emzinto) UDumisa uphile iskhathi eside kakhuuulu ugcine esabela ingane zakhe isizwe sakhe Unike indlalifa lakhe indawo wayibiza ngokuthi kuseZIMPETHU ZENDLOVU Eyinye indawo uyinike umfana wakhe uSawoti njalo indlu yakhona ibizwe ngokuthi NgeyaseMANDLENI njalo umuntu ophethe njengamanje umfana omunye wakhe obebizwa ngoSAKHAYEDWA (ukhokho kaDuiker Duma esimaziyo sonke usethekwini) USakhayedwa unikwe unikwe indawo yaseNdungeni eUnderberg njalo namuhla iphethwe inkosi esahla anhlamfana uDavid van royen Duma ISITHAKAZELO ZAKWA MTHOMBENI MTHOMBENI DUMA LWANDLE OLUNGAWELWA OLUWELWA ZINKONJANE ZOBE ZIPHAPHA (zindiza) PHEZULU MSELEKU DUMISA KAMVENYA DLANGISA THOLE MAKHUNGA MATHEBULA INYONI EYAKHELEMTHINI YAZE YALILEKA UMTHOMBENI OWAPHEKHWA NETSHE KWAVUTHWA LONA KUQALA KWASALA UMTHOMBENI UMFAZI OMABELEMADE ONCELISSA UMNTWANA ENGAPHESHEYA NOMA LIPHUNGUKE ## lomlando uqoshwe wabhalwa wadidiyewa u Bheshu umfokaMthombeni Ujamlodi omnyama ngebala omhlophe ngenhliziyo engabona intombi emi phamboi kwami kanti umngani wayo Ungcwel-tekisi bheka ngapha ntombi abakithi bakulindile Umbongiseni uzalwa uNkomishi kude buduze unkomishi ezalwa ubheshu ozalwa
Posted on: Sat, 23 Aug 2014 21:42:56 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015