USiphiwe WakwaKhumalo Njengoba nazi ukuthi uMathayi ubelisotsha, - TopicsExpress



          

USiphiwe WakwaKhumalo Njengoba nazi ukuthi uMathayi ubelisotsha, umnyango kaHulumeni wase ubonile ukuthi sengathi baningi oGeneral embuthweni wamasotsha, bafika neqhinga lokuthi kumele bancishiswe. Bathembisa noma yimuphi ongumphathi wamasotsha izimali zabo zonke eziphelele (UIF) uma bethatha umhlalaphansi ngokushesha kanye no-R10 000 ngaphezulu kwi-centimeter ne-centimeter uma bekalwa emzimbeni. U-General kwakuba nguyena ozikhethelayo indawo afuna ikalwe emzimbeni wakhe uma kungukuthi ukhetha ukuthatha umhlalaphansi ngalowo mzuzu. Indoda yokuqala, kwakunguGeneral wamasotsha asemoyeni (Air Force), wavuma ukuthatha umhlalaphansi. Wacela indoda ebhalisela umhlalaphansi ukuthi imkale kusukela ekhanda kuze kufike ozwaneni. Indoda lena yaphuma nesheke lika-R170 000 okusho ukuthi ubude bayo babungu-170 centimeters (1.7m). Indoda yesibili kwakunguGeneral wamasotsha asemanzini (Marine), yacela ukukalwa kusukela ezingalweni ezivulekile kuze kuyoshaya phansi ezinzwaneni. Indoda le yaphuma nelinempilo isheke lika-R560 000, okusho ukuthi ubude bezitho zomzimba ezakalwa zilingana no-560 centimeters. UMathayi owayehamba amazwe (Army) wabona kuyithuba leli lokuthi asale ethatha umhlalaphansi naye, wasondela. Watshela le ndoda ebhalisela umhlalaphansi, "Mina ngifuna ungikale kusukela kwitotolozi lami kuze kufike ekugcineni kwamas*nde ami." Indoda ebhalisela umhlalaphansi yaluleka uMathayi ngokuthi akhethe enye indawo, yaze yabalula namasheke anempilo atholwe oGeneral ababili. UMathayi wema emagameni akhe wathi ufuna ukukalwa itotolozi namas*nde, yavuma indoda ebhalisela umhlalaphansi yase imluleka ngokuthi akaye kudokotela wamasotsha ayokalwa. Udokotela wafika kuMathayi wathi makehlise ibhlukwe, nebala kwaba njalo. Waqala wabeka i-measuring tape kusukela ekuqaleni kwetotolozi wehla eya ngaphansi. "Hawu Nkosi yami!" kubabaza udokotela, "Aphi amas*nde akho?" Waphendula uMathayi, "Asala eBurundi."
Posted on: Fri, 30 Aug 2013 16:20:30 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015