USipho noSiyanda baya kwi Interview. Kuvele kuputshuke imibuzo - TopicsExpress



          

USipho noSiyanda baya kwi Interview. Kuvele kuputshuke imibuzo nezimpendulo. USipho abambe imibuzo nezimpendulo uSiyanda abambe izimpendulo kuphela. Interviewer: Ubani umdlali odumile? Sipho: Kuqala kwakuwuMaradona manje sekuwu Ronaldo. Interviewer: Inkululeko yaqala nini? Sipho: Imizamo yaqala ngo 1990 kodwa kwaze kwaphunyelelwa ngo 1994. Interviewer: Yinndaba ufuna lomsebenzi? Sipho: Nginesipiliyoni futhi ngyayithanda lento. Interviewer: KwiMars kuthiwa kunamanzi. Yiqiniso noma amanga? Sipho: Akekho onolwazi ngezobuchwepheshe kodwa kucatshangwa kanjalo. Ay bese kungena uSiyanda obebambe izimpendulo kuphela. Interviewer: Ubani ubaba wakho? Siyanda: kuqala kwakuwuMaradona manje sekuwuRonaldo. Interviewer: Wazalwa nini? Siyanda: Imizamo yaqala ngo 1990 kodwa kwaze kwaphumelela ngo 1994. Interviewer: Yinndaba unezingane eziwu 12? Siyanda: nginesipiliyoni futy ngiyayithanda lento. Interviewer: Hau, uyahlanya yini? Siyanda: akekho onolwazi lwezobuchwepheshe kodwa kucatshangwa kanjalo.
Posted on: Sat, 31 Aug 2013 06:18:34 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015