Ucansi olokwenza ingane, uma wenza ucansi uzothola - TopicsExpress



          

Ucansi olokwenza ingane, uma wenza ucansi uzothola ingane. Ukuze ungatholi ingane kungakafiki isikhathi, ukuze ugweme ukuba umama wengane wedwa ingabi naye uyise ebe ekhona, zine (4) izinto ongazenza 1- Ziqhelelanise nophuzo olunamandla, ngoba uphuzo olunamandla uma usulushaye kahle luvusa izinto 2-Ziqhelelanise nocansi uze ungene emshadweni uzalele khona 3-Uma ungeke ukwazi ukungalwenzi ucansi sebenzisa-ke phela i condom 4- Uma ungakufuni konke engikubale ngenhla, then Jova phela. Ayikho into enenkani nenesbindi njengomuntu, ngithuke kabi uma ngifica emaclinic ngithola ama ques amangaka abantu abamithi, phela mina bengithi I AIDS iyabulala futhi iyesatshwa. Kubuhlungu ukubona ingane yentombazane kakhulukazi engasebenzi, nesafunda isikole ikhulelwa 9months maqede ikhulise ingane yodwa, kodwa phezu kwalokho ijike iphindele kunjalo emadodeni.. Aibo! Amadoda ayamithisana, ucansi luzokwenza uthole eyesibili futhi bese nithuka amadoda nithi izinja. Kusasa futhi wena kuqala usuhamba nenye futhi inja, uyazithanda kahle kahle lezinja.
Posted on: Fri, 19 Dec 2014 06:35:02 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015