Uke uzibuze?:::: Ukuba u-Shembe akafikanga emhlabeni ngabe - TopicsExpress



          

Uke uzibuze?:::: Ukuba u-Shembe akafikanga emhlabeni ngabe kunjani? 02/May/2013 INkosi u-Nyazi yanika abakhokheli yathi abafakaze ngo-Babamkhulu u-Bhombhela. Basukuma-ke ababili abakhokheli kwase kwasukuma nalo wesithathu oxoxa indaba enkulu uthi-ke: Kwakukhona uNkosikazi ngapha phezulu ezweni lakwa-Zulu lo-Nkosikazi wayengesilo i-Nazaretha. INkinga yakhe wayethi uma efika emzini wakhe afice u-Sobaba (inyoka) enkulu izithandele phambi komnyango wakwakhe. Lo-Nkosikazi wanquma ukulishiya ikhaya lakhe esehlala komakhelwane bakhe. Langalimbe lo-Makoti wezwa ukuthi kufike umuntu okuthiwa u-Shembe ezweni lakubo osiza abantu ezinkingeni zabo wase ephikelela kulesimanga somuntu okuthiwa u-Shembe Uma esefika ufika i-Nkosi yaManazaretha iyanikelisa aphuthume naye afike abike athi: Nkosi yamakhosi angisahlali kwami sengabaleka kukhona iNyoka eyisimanga ihlala phambi komnyango wendlu Isiyaphendula i-Nkosi ithi: HAMBA UKHE UTSHANI ULULUKE NJENGENYOKA ULENZE LIBE NENHLOKO NESISILA, KUBE ISIBOPHO Nempela wenzenjalo lo-Nkosikazi kodwa exakiwe ukuthi hawu! Nangu u-Shembe edlala ngami ngathi ngizobika usizi lomuntu wasedlala ngami kodwa wasala esenza-nje Uthe eseqedile ukuluka isibopho sakhe lo-Makoti wase esiyisa ku-Shembe, yaphinda iNkosi yaManazaretha yathi:HAMBA UYOKHA INDUKU wabuya nayo lo-Nkosikazi, yase ithi i-Nkosi beka lesibopho sakho sotshani phansi bese uyasishaya size sihlakazeke siphele Nempela wenzenjalo lo-Nkosikazi wasishaya ngenduku lesibopho yathi i-Nkosi qinisa ekhanda nasesisileni sesibopho sakho washaya waqinisa unkosikazi saze sahlakazeka saphela isibopho sakhe Uthe eseqedile yase yathi iNkosi NKOSIKAZI PHINDELA EMZINI WAKHO USUYIBULELE INYOKA Waphindela uNkosikazi emzini wakhe wafica abantu begcwele igceke kwakhe wabuza kwenzakalani? Bathi omakhelwane sibone inyoka izibhinqa sengathi kukhona oyishayayo manje sesiyibona isithule asazi noma isaphila yini? Enye indoda yathatha itshe yaliphonsa lakwakulele khona inyoka kwavele kwabhuza izimpukane. Uma sebesondela hawu! Inyoka seyifile seyihleli izimpukane wasebuza ke lo-Nkosikazi komakhelwane ukuthi ibizibhinqa ngasikhathisini inyoka? Base bemtshela omakhelwane waseqonda ukuthi,ilesikhathi eshaya isibopho sotshani.Wase ephindela emumva ku-Shembe lo-Nkosikazi waguqa esakude wathi: NGIYAYIKHETHA INKOSI YASEKUPHAKAMENI Uma engekho kodwa ngakini oseke wakwenza lokhu vuma phela u-SHEMBE UNKULUNKULU. Amen! Inkosi ibusise enikuzwile! JUST CLICK LIKE AND TYPE AMEN!!
Posted on: Fri, 29 Nov 2013 04:46:45 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015