Ukuhluleka ukuphila nabantu ilokhu - TopicsExpress



          

Ukuhluleka ukuphila nabantu ilokhu okulandelayo, Ukungangabingeleli Ukungazethuli ngesizotha ufune ukwethulwa imali yakho , nemfundo, nengcebo yakho. Ukushalazela isimo esibuhlungu esehlele omunye ngoba kusemnandi kuwena. Ukubuza imibuzo engasizi uma sekonakele uqulise icala kufiwa ingabe uyasiza bese ululeka ngesinye isikhathi. Ukuba nokuzethemba okudlula uThixo okwenza ukuthi uthi uphila eduze nabantu kodwa uzivalele emgedeni obizwa nge space sakho ungathi abanye abantu bayakunukela. Ukuphixiza uxabanise ngoba ufuna ukuthandwa izinhlangothi zonke. Ukuhluleka ukumamatheka uma ubona impumelelo yomunye umuntu kodwa kunalokho usole ukuthi uyithole ngenkohlakalo. Ukucekela phansi omunye umuntu usebenzisa amandla okulawula onawo ngoba engafuni ukuba umkhovu wakho . Ukuzonda abantu abakonile uze uyozonda izizukulwane zabo ushiye impi eyodonsa iminyaka wena sewaba mathambo amhlophe. Ukuhamba udokotela uma ugula kodwa mhla uxabene nami ucinge Umthakathi ozongishiyisa izingane zami. Ukuthembela kwi remote ye Gate to Guard yours space kanti there will be no remote next to your bedside the day you need prayers when a deadly decease comes upon your life. Phila nabantu akubizi mali.
Posted on: Thu, 18 Sep 2014 07:56:06 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015