"WANGETHEMBISA" [PHUMLANI MBATHA, CINDY KHATHWAYO, THULI DLAMINI - TopicsExpress



          

"WANGETHEMBISA" [PHUMLANI MBATHA, CINDY KHATHWAYO, THULI DLAMINI & THOBILE MYENI..] Part 8 Uyakhuluma nje uAyanda kodwa ziyaduma ku Mdu futhi akasaqondi kwenzakalani ngalo mjita osekhala kangaka phezu kwesithandwa sakhe, ngoba yena uzicelela usizo nje kuphela kumuntu angamazi nakumazi useyaxakeka nje yilokhu okwenzakalayo. Ayo: Aw come on people usengaze afe nje umuntu nilibele ukukhala, Cat babe whats going on? Please take ma friend to the hospital aw. Kati: (ekhala) Zinhleeeee... Zinhle babe Zinhle vuka pls vuka babe pls vuka Sthandwa sami.. How am I suppose to live whtout you kodwa zinhle wami?? Aw ngeke nje babe awkwazi nje ukwenza lento vuka nje aw ngeke ngeke ngeke nje vuka! Ayo no Mdu : babe?!? (Bebukana emehlweni) Ngalowo mzuzu uKati usequkula uZinhle umphuthumisa emotweni azomusa esibhedlela, akasanake naku sindelwa kwazise umuntu olele uyasinda phela. Agijime phambili uMdu ayovula isivalo sangemuva semoto, nempela afike no Kati azame ukumphakamisela phezulu uZinhle ezomfaka emotweni kwazise usekhathele nemoto yinde ahluleke ukumfaka. Kati: Wama nje mjita walibala ukukhamisa ngisize sifake lomtwana simvayise esibhedlela (ebuka uMdu ngokucasuka) Bamqukule Nempela bamfake emotweni.. Ayo: Hawu Cat babe usungaze ukhulume kabuhlungu so nomunye uMtwana.. Kati: Brika bhova! bamba amahhashi akho agijima kakhulu sis wabantu.. (Asho ashaye isivalo aphuthume ngokushesha ajikele ngasemnyango wo Mshayeli.) Akabange esabuza uAyo wavala umlomo wakhe waqonda ngqo emnyangweni ongaphambili naye wagibele wasala eme kanjalo phansi uMdu engasazi enze njan esesaba nokungena emotweni... Ayihlabe ngokhiye ukatshana wansondo ayihlale ngesicathulo kabili kathathu imafutheni, isho izikhalele ibubule kakhulu insimbi yamataliyane, ayihlale eclashini, aphose igiya ku1 qede anyathele wonke amafutha isike ngetayi elinzima kushunqe uthuli kuthi kusenjalo ayikhokhele kwelesibili igiya isho igxume iyephezulu. Athi qalaqala lapha emotweni akekho uMdu.. Ayibambe ngqi.. Aybrike khona manjalo abuke uAyo emehlweni.. Kati: Kuphi lokhu?? Ayo: Aibo babe musa ukumbiza ka.... Kati: Weeeh nangoke ngibuza lesinayi ungitshela udodi wakho nawe.. Avale abone nje uKati ukuthi usalile khona lapho phansi uMdu. Ayifake igiya eliya emuva khona manjalo ayishaye ngomude urivesi nempela ambone la ezibukweni kwazise ubengakahambi nebanga elitheni.. Aze afike ngakuye uMdu emile nje endwazile ekude ngemicabango, avule ifasitela uKati. Kati: Yewena Sebentin umelen manje lana wandwaza nje gibela phela zishaph ngawe? Kanti ubuye umashelwe yini la emqondweni wakho inetwork ikhetha izindawo. Vala umlomo ugibele sambe.. (Asho ayihlale emafutheni ibubule futhi..) Ngokuphazima kweso wabe esengaphakathi emotweni uMdu ngaphandle kokuthi aze aphendule wangena ngala kukhona khona uZinhle wancika khona.. Wasuka wayifaka egiyeni uMakatshana zayakakhulu sebebheke esibhedlela. Akasekho okhulumisa omunye.. Lowo nalowo uzicabangela okwakhe kanti uAyo no Mdu bona bayazibuza bayazi phendula nje ukuthi kazi Zinhle no kati nazelana kuphi. Ishosholoze yaze yafika inkabi esibhedlela kungekho oxoxayo noZinhle akakaphaphami. bafike bamqukule uMdu no Kati uZinhle bahlangatshezwe oNurse nombhede onamasondo bambeke phezulu bese begijima naye oNurse bacele ukuthi laba ababe bebhalisa imininingwane yakhe. Kati: Hamba umbhalise uyeke ukukhamisa.. (Esho sakuchukuluza) Mdu: Yewena bhokoloshe ngkhathele uwe manje yezwa? (Emkhomba ngomunwe esiphongweni) kunini ungichukuluza? Uqale wabiza intomb yam ngo babe uyasuka... Kwalamula uAyo owabe evele wayobhalisa imininingwane... Base bebambene ngamawashingi laba ababili kuyiloyo naloyo esedaza eyakhe inkani. Ayo: Aw kahlen Mdu naye Cat kanti niyasangana yini? Nazenza izingane nje nibadala kangaka. Kati: Hands off wena Tansu. Usuthi umdoko uzongibamba ngalezidladla zakho uyayaz malini lendwangu, ucabanga ukuth ilama saka owambethe heh? (ephushela uMdu emuva..) Ngizoku.. (esikaza ngempama sa) Kwabe usephuzile uKati wezwa ngempama enopelepele phakathi kwakhala ngathi kushayisana izinsimbi.. Mdu: Ngikutshelile ngathi ngizokushaya.. (Ekhomba uKati ngo 7 owayesebambe isihlathi esiqeda kuthola evuthayo impama) Ayo waphuthuma ku Cat eyombheka ukuth akalimele yini.. Ayo: Haww Mdu wa... Wabe esephindw wasondela futhi uMdu benganakile wasiphosa isibhakela ku Kati kwa Gulukudu phansi wavuza igazi uKati.. Kwalamula ama Security esebamba uMdu kwabizwa amaphoyisa uKati waphuthunyiswa egijini lokulashwa.. Afika amaphoyisa ngokushesha zabe zimkhalela njalo uMduduzi. Wasala enkemile uAyo.. Iyaqhubeka.
Posted on: Sun, 25 Aug 2013 19:11:16 +0000

Trending Topics




© 2015