***WATHENGA IMOTO NGO R300 NGENXA KASHEMBE*** Uthi omunye - TopicsExpress



          

***WATHENGA IMOTO NGO R300 NGENXA KASHEMBE*** Uthi omunye Mshumayeli ngelinye ilanga eSabathweni Temple uthi badilizwa emsebenzi wathi mlungu wabo umsebenzi uphelile wagijima lapho waya eNkosini uThingo eBuhleni bamaNazaretha Nkosi yavela ngomnyango yathi lendoda baba mlungu usixoshile yathi Nkosi kwakubi lokho kodwa ungakhathazeki wena umlungu uzokufonela akubuyise msebenzini nembala kwaba njengokusho kweZwi leNkosi wafona mlungu wathiWenzani ukuphi usuya ngani esontweni manje ngoba ngasezi emsebenzini ? Ithi lendoda engumshumayeli angani wena wasixosha, uth mlungu khona imoto lana ehleli engasebenzi woza ngomsumbuluko uzoqhubeka nomsebenzi wakho.Yabuyela lensizwa emsebenzini yas iya eNkosini iyobonga kwakuse ntabeni iNhlangakazi yabonga eNkosini kodwa yathi Baba ngicela imoto manje yokuza kuwe inkinga anginamali nemali engiyiholayo ngeke yenele imoto haaaaa maNazaretha wab ushilo kushilo lwathi uThingo Nkosi Ikubusise imoto uzoyithola. Wafika mlungu wath kunemoto lana leli Van lifunwa abantu abathathu, omunye mlungu,nelinye indiya nawe futhi mina ngizoqala nginike wena ithuba lokuthi uzame ngifuna R18 000 cash ulithathe leli van.....yakhala lendoda yath Baas wami uyazi nawe anginamali uwe futh umholeli wami wazi kahle kuthi angibizwa ngamali wathi lomlungu angazi ke yathi lensizwa kungcono kuthi uthathe imali emholweni wami njalo ngeviki mangiholakuze kuhlangane bavumelana .... Wayithatha imoto ngoShembe .... Laphela iviki bawubamba R150. Laphela elinye iviki bawubamba R150 laphela elinye iviki kwangabanjwa mali aphela amaviki lensizwa ithule ididekile izitshena kuthi mlungu ukhohliwe kwaze kwaphela unyaka,kwashaya isikhathi moto kuthi iyothela wasequnga isibindi wathi Mlungu wami imali awuzange uyibambe sekuphele unyaka uthi umlunguYebo angizange ngiyibambe kwafika ikhehla kimi ngeviki lesithathu elihle elaligqoke izembatho ezimhlophe lathi angikuyeke ngingakukhokhis i ngoba awunamali nami ke ngakuyeka lemoto ithathe eyakho ngeke ngisadonsa mali IMPELA SHEMBE UNGUTHIXO
Posted on: Tue, 22 Jul 2014 03:02:40 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015