What is Love Ngiyaxolisa ngokubhala into ende kodwa ngenethemba - TopicsExpress



          

What is Love Ngiyaxolisa ngokubhala into ende kodwa ngenethemba lokuthi iyafundeka. umangabe ngike ngakushela noma sathandana izinto azangahamba kahle phakathi kwethu, ungathi ngoba ususothandweni olusha bese ufuna ukungiphatha kabi ulokhu ubhala kwi-facebook ngenhloso yokuthi kubone mina bese ngiphatheka kabuhlungu. Ungalwi impi yakho nami ngothando osuke ukulo ngaleso sikhathi. Ngiyazi ukuthi usuke ujabule ngokuthandwa kodwa uthando lwakho ungazolwendlala kwi-facebook nakuma social network ngenhloso ngenhloso yokuhlabekisa mina engikuthandayo kodwa engingabanga nehlanhla yokukuzuza ube ngowami. Uthando aluzoqhayisi, aluzikhukhumezi, kodwa luthobekile futhi luyayazi indawo yalo. Khula ngokomqondo ukuze naloyo onaye othandweni ngalesosikhathe ezoziqhenya athokoze ngawe. Ukuthandana kwenu akube okwenu nobabili, ayi okweze lonke nomphakathi. Ungakhombisi ukuthi umqondo wakho ucamanga kancane kangakanani ngoba ikusasa awulazi. Uma usebenzisa uthando ekulweni nenhliziyo yami ekuthandayo, aziukuthi sonke singabaka Nkulunkulu futhi usithanga ngendlela efanayo, ungajabula namhlanje kodwa awulazi ikusasa ukuthi likuphatheleni. Ungachoma namhlanje kodwa kusasa ube usukhala izinyembeze. Awazi ukuthi kusasa nizobe nisendawonye yini. Ungalwi nesidalwa sikaNkulunkulu ngesipho osiphiwe ngumdali. Isibusiso sakho ungasenzi isiqalekiso kwabanye ubaphule izinhliziyo. Azi ukuthi awukhongcono ukunami ukuthi mina uNkulunkulu akakangibusisi. Nina enithandanayo nginifisela inhlanhla nonwele olude, inkosi inibusise. Ekuthandaneni kwenu ningakhohlwa njalo ukumema uNkulunkulu abe owesithathu ukuze abe umxhumanini nomxazululi kukho konke enibhekana nakho. ukuthembeka nokuzithoba nenhlonipho, kubaluleke kakhulu ngaphezulu kokuthandana ngoba uma lezizinto zingekho, lolothando alukho. Akubalulekile ukufonelana nokuthengelana izipho othandweni, kodwa okubalulekile ukuthi omunye aba nendawo enhlizweni yomunye. Ngoba ukwenza izinto ezibonakala ngamehlo enyama kodwa inhliziyo inomunye umuzwa ohlukile, akusilona uthando lolo kodwa ukukhohlisana ngaphansi kesigqoko sothando. Uma ekuthengela izimbali nezinye izinto, zibuze ukuthi umuzwa wakhe osenhlizweni uyalingana yini nalezizinto akakwenzela zona, ngoba imizwa yenhliziyo ibaluleke kakhulu ukuzazozonke izinto ezibonakalayo. Ngokwenzenjalo niyohlala nithandana. Ungalinge uthathe uthando lwakho ulwe ngalo nenhliziyo yesisheli noma ye-EX yakho ngoba unkulunkulu engakuphuca yena ngokuphazima kweso. Remember, you can be the best person today, but never look down a waste person because he/she can fight to the best but you cant proceed beyond best but you can fall hard to be waste person. By Bright Nhlakanipho Mchunu
Posted on: Thu, 21 Nov 2013 05:45:36 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015