Yasho yagiya inkunzi emalundalunda kamaDlamini basho badideka - TopicsExpress



          

Yasho yagiya inkunzi emalundalunda kamaDlamini basho badideka ondaba sebexakwa ukuthi sekwenzenjani ngoba bese sithi useyizicucu nje lomuntu! Mashinga nezishimane myekeni ngoba lontombi useyithathile , ngabe sengithi mina phela mina ngiyivukane eliqeda abantu. Ngumlomo onoshukela mina izintombi zyamlandela , indoda yalala ingalele emzini wayo ngiyihlukumeza ngenduku yami yethusi engayishiyelwa ubaba esaphila kanti uzobuye edlule kulomhlaba nalapho sasola yona indaba yomona onamaqhinga nje. Ngithi uzele we Msobho weselesele ngoba uzele utsigitsigi unswazi zikhala ezithweni zababhemu badideka abanye bebethi utwayi kanti yisihlungu senyoka engasikhothiswa yinyanga yami edumile kwelamaxhosa. Nguzinja ziyamkhonkotha kodwa azifuni kumluma zizwa iphunga legazi elinobuthi hleze ziginqike zonke meke zaluma. Ngizwile ngandlebenye kuthiwa endaweni mawudlula kwaSathane short left sekudume nobengangishayanga Nokungebani sekugiya ngegama lami kuyazitaphela nje. Ngisivunguvungu somoya esihluleke sesithi siyangiphephula kanti ngizoye ngizimazise ngentombi kaDlokwakhe eguqe njalo ngedolo yathi mtanami hamba uyovula amabhuku akho mina ngizohlala lapha ngikhulume noyihlo kuthi abulale zonke izitha eziza kabi kuwena. Yebuya namhlanje ngigiya ngesihlangu sami senkabi kababa ebidume kakhulu eziqhingini uFihlukhamba, ayizifelanga njalo kodwa yithi esayihlaba sayisika amahawu. Ungizwe ngendaba sewutshelwa yintombi yakho eyase ikuqomile izindaba zami , uze wakhohlwa mnganami kuthi umuntu owangenza okubi nami ngyamenza. Ngiwukhamba oluncane umancishana abaluphuzela phansi kwezihlahla behlisa ngezami izindaba, ngisho ngoba iyinkinga lendaba mabeyikhuluma bayahoshozela njalo mangiqhamuka bagobisa amakhanda bengincishe amehlo. Nguslilo sikadadewethu ekhaya kithi kwaNozghogo ekhaliswa isono namahlazo awabone estobhini 100 intombi yomfowabo iqabulana nekhehla kubuka wonke umuntu. Ngithi thula mtakababa ungaphiki neziqomaqomane izinto ezingadlulwa nawoyedwa uthisha, ngisho ngoba nalokhu owawukubona kwakungaqali ngawe kodwa zazike zabonakala mhla ngikhipha intombi kwi Tazz esilver gold i ND bude buduze naseskoleni impiyamandla , ngikhuluma lezindaba nje ingoba sengiyayiphetha ibhenge ngalaba ababili isifazane nowesilisa abathi mhla bethandanile bahlangana ngegama lami ngoba beshaywa yisimo se age gap esasiphakathi kwabo , angeke ngisakhuluma kakhulu ngaleyo ngoba shuty kucacele ngisho ingane encane kuthi bekunemali phakathi , nakho lokho okwajika kwangidalela amazondo emizini yabantu engeke ngisayibiza ngegama . Ngizothuma wena mfana wabhuti omdala ugijime ungiyele komunye umuzi kwelase Nkwazi ufike ushiye nanku unyalezo umuntu owangenza okubi nami ngiyomenza sewuyothi ke mase ubuya udlule komunye umuzi kubokantombi futhi khona uyofike ushiye nansi i envelop ebrown , ungayilindi beyivule ngoba nawe awufisi kuzwa okubhalwe phakathi kuyanyanyisa nohlevane oluhamba namaqiniso. Ngiwundukwana zoyihlo nonyoko bafana ziyadela ngoba nazo zike zalishaya elami ikhanda, ngisho ngoba ntombi thizeni iye yangigqema engeqiwa nayigundane ingozi sengivike ngaze ngamfishane seyihlekisa ngami phambi kwezihlwele nabalandeli bayo. Ngingqogqoza kuhlehle izipikili emizini yabanumzane qede kuvuleke iminyango kuvele itshitshi elimhlophe ngoba ayikho insizwa engamelana nami kwezomcothozo , lendaba yinde angivele ngiphele khona lapha ngaze kuthiwe sengithuke inhlamba ...............................!
Posted on: Tue, 15 Oct 2013 21:21:26 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015