05 November 2013 NguLwesibili kusemini yasekuseni seligamenxe - TopicsExpress



          

05 November 2013 NguLwesibili kusemini yasekuseni seligamenxe eleshumi ihora (10:30) lapha eNewcastle, ngisanda kuphuma lapha ebhange lase-ABSA njengoba ubaba ubecele ukuba ngimfakele imali. Ngiphuma nje sengiphikelele ebhange lase-FNB ukuyokhipha eyami njengoba mina ngisebenzisa leli bhange. Ngihamba nje ngiyahalazela ukuze ngisheshe ngifike ngoba ngifuna ukuqeda zonke izinto lezi ebengihlele ukuzenza namuhla lapha ethawini. Uxolo wendodana! Ngizwa izwi lowesilisa limemeza emva kwami lapha sengiyofika ngase-King Pie oseduze nakhona lapha e-FNB nokuyilapho ngibabele khona. Cha, ngiqinise ikhanda nginganaki - phela baningi abantu abadlulayo la futhi angicabangi ukuthi kubizwa mina. Uxolo wendodana! lisho liphinda izwi lowesilisa. Kwale kimina, ngiphenduke ngibheke emuva. Kukhona ubaba oza kimina uyangimisa ngesanda sokunxele, uphethe nezikhiye zemoto. Ngime khimilili, ngimbuke eza kimina. Uxolo man ndodana, ngihamba ngiyafuna lapha; Ngisuka eManguzi le ngaseJozini ngifuna ihhovisi lommeli abathi ngu-Venter. Kusho lobaba ophethe isikhwama se-laptop esondela kimina, bese kuthi thaphu iphunga lomlomo! Eeewu... Yimina lowo ngingabaza ngikhombisa ukungazi, bese ngithi ukuqhela kancane kulo baba, Cha, angimazi lowo mmeli baba. Mina nginguVilakazi isibongo, ngifuna uVenter ngizolanda imali yami kuyena. Kubeka lo baba ngelipholile izwi. Abakubekiselanga ihhovisi lakhe lowo mmeli mhlampe ngezitolo ezinkulu ezaziwayo la edolobheni? Ngaleyo ndlela kuzoba lula ukuthi ucingele ngakhona ngoba impela mina cha, angibazi abammeli. Cha, wena ndodana; uyabona mina benginayo inombolo yakhe kodwa kuthe ngeSonto izingane zigeza imoto zayilahla le nombolo manje yingakho ngizomfuna ngoba kumele angikhokhele. Uyabona mina, ngiyahlola. Ngihlola ngamanzi, ngihlole ngokukubuka emehlweni, ngiyahlola futhi nangabalozi. Asho angibuke ezinhlamvini zamehlo uVilakazi ndini. Ngisheshe ngibalekise amehlo, emqondweni wami nje ngiyasho ngithi nangu umuntu efuna ukuzongitshela izindaba zami njengoba esengibuka emehlweni nje. Kulowo mzuzu uVilakazi lo ammise omunye umfo ocishe abe nguntanga kimina, ambuze mayelana nommeli uVenter. Alandule lo mfo athi yena akayena owalapha eNewcastle. Asuke lapha ubaba uVilakazi lo axoxele lo mbhemu ammisile yonke le nto nami asengitshele yona nanokuthi uVenter lona amfunayo lapha eNewcastle bekungumutu amsizayo wamelapha manje sekuphele izinyanga eziyisithupha asinda ummeli lona. Uma ningangikholwa ukuthi mina ngiyahlola, tshelanani nina nodwa ukuthi nidleni izolo ebusuku; mina ngizosuka la ngiyoma laphaya ukuze ngingezukunizwa. Nizothi uma senitshelene bese ningiqhweba ngize ngizonitshela. Kwabe kusho yona inyangamthandazi enguVilakazi isibuka emehlweni. Ngavele ngahleka, nalo mfo wahleka. Mina emnqondweni wami sengimagange ngifisa ngabe sengjyazibonela. Awuhambe baba, sokubiza. Kuphendula lo mbhemu ehleka, nami ngisale sengivumelana naye ngoba ngifuna ukuzizwela amanga kumbe iqiniso likababa uVilakazi. Nempela asuke uVilakazi aqhele kube ngathi uphindela emuva la eqhamuke ngakhona. Sisale nalo mfokazi engingalitholanga igama lakhe, siyixoxe kancane le ndaba ukuthi lo baba ngathi unamanga futhi nje uyasibambezela kodwa sigcine sitshelene ukuthi sidleni ngayizolo ebusuku bese simbiza uVilakazi... *** *** *** To cut the story short, laba bantu bobabili bangamaqola bayasebenzisana, bebefuna imali yami nakho konke ebengikuphethe. Siye endaweni engena bantu phansi kwesihlahla wathi lo baba kimi kunomama ababili abangafuni ngiphumelele, kodwa bazofika namhlanje before 5pm (ngoLwesibili ngalelo langa) bazoxolisa ngemali engango-R9,500. Wathi uma sebefikile baxolisa ngithenge amakhamdlela amabili elimhlophe neliluhlaza ngiwokhele nhomentshisi omusha bese ngibadonsa ngonwele bobabili labo bomama. R500 kule mali abazoyikhokha yokuxolisa kumele ngithenge ngawo imbuzi bese ngiyipha ukhokho wami ngoba nguyena ongihlanganise naye uVilakazi ukuze ngisizakale. Yena uVilakazi inkokhelo yakhe uyoyithola after six moths sengibone konke, wathi inhlawulo yakhe yinkomo nembuzi. Wakhipha umuthi wathi ngizoya ethoyilethe ngiwufake phakathi bese ngilinda imizuzwana kuzokwehla ulwembu kathathu, lolo lwembu ngabantu abadala abangikhanyiselayo. Kuqale kwahamba yena lo mfokazi ebesime naye washiya isikhwama sakhe wayokwenza leyo nto eshiwoyo. Wathi uVilakazi ndini kuzomele ngingangeni nobucwebe ethoyilethe ngoba amadlozi awezwani nobucwebe bazongibhekela isikhwama sami. Benginezinto ezibalulekile kulesiya skhwama, my tablet, 2 cellphones nemali. Ngavele nganqaba, bangincenga bathi kumele ngenze kanjalo ngoba nalo mfo wenzile nje yena akwenzekanga lutho! Nginqabe ngaphetha ngabashiya kanjalo, isikhathi besekushaye neleshumi nanye ladlula ihora. * * * BAKWETHU AMAHOLIDE ASEZOQALA, IZINGA LOKUQOLWA KWABANTU LIYADLONDLOBALA! THINA NJE ABANTU ABAMNYAMA ABASAKHOLELWA KAKHULU KWIZINTO ZESINTU ASIQAPHELENI KAKHULU KUNAKUQALA. LE NDABA ENGISANDA KUNIXOXELA YONA IYIQINISO FUTHI YENZEKE KULO LELI VIKI. EMVA KWALESI SIGAMEKO NGIBE SENGIBUZA ABANYE KHONA LA KUFACEBOOK MAYELANA NALOLU HLOBO LOBUGEBENGU, BAKHONA ABAPHUMELE OBALA BABEKA UDABA LWABO. OKUNINGI ABAKUSHILO KUCISHE KUFANE NALOKHU OKUNGEHLAKALELE NAMI. ABANYE BABO BAGCINA BEQOLIWE IMALI YABO, OMAKHALEKHUKHWINI, IZINCWADI EZIBALULEKILE NGISHO NAMAKHADI ASEBHANGE IMBALA. NAWE WAKE WAZITHOLA USESIMWENI ESIFANAYO? WENZENJANI? WAPHUNYULA NOMA BAKUQOLA? Sixoxele sizwe ukuze siqwashise nabanye...
Posted on: Sat, 09 Nov 2013 05:00:12 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015