Chapter 95. Uncle: Ew mtanami kungakuhle sizameni ukuxola - TopicsExpress



          

Chapter 95. Uncle: Ew mtanami kungakuhle sizameni ukuxola singavusi amanxeba amadala asephola Me: Kuhle uma awenu esaphola babomncane. Awami awakapholi. Mum: Ngiyazi mtanami akulula Me: Awazi lutho. Wena wangizala qede wangilaxaza kanjalo. Ungangitsheli ukth akulula ekbeni ungazi lutho ngokuhlupheka kwami. Dad: Thandeka!! Joshua: Engathi besingamyeka akukhiphe konke okusesifubeni sakhe. Uncle: Wazini wena mfana? Me: Ukulwa noJoshua ngeke kusize ngalutho. Eqinisweni kumele nimbonge. Kwakhona ukuthi ngisaphila kungenxa yakhe uJoshua. Dad: Yehlisa umoya mtanami Me: Kanjani nje? Uyakwazi ukuhlupheka engiphuma kubo? Lendoda owayipha ingane umkayo wayengizonda mama futh engafihli. Angilwazi mina uthando lomzali ngoba akaze ngiluthole. Ngazikhulisa, ngazifundisa, ngazinakekela ngingedwa wena uhleli lana unethezekile. Manje u-busy nezinyembezi ngoba udliwa unembeza. Nani ni-busy nilwisana noJoshua umuntu ongenzanga lutho. Futh yazi yin? Asambe Joshua I got up and walked out. Joshua came after me wangifica emotweni. Joshua: Why did you do that? Me: I want to go home Joshua: This is your home. You have to hear them out Me: Abazisoli Joshua. They expect me to be okay with everything. Joshua: Thats why you have to stay and tell them. Its about time you open your chest to them ukuze kuzodlula. Ngagcina ngibuyele endlini. Safika sahlala phansi. Ngabachazela ngokukhula kwami nangokuhlukumezeka kwami. Waxolisa umama but I wasnt sure ukuthi ngangimxolela yini. Ukuth kulula kumuntu ukuth athi forgive and forget uma into ingenzekanga kuye. Uncle: Manje abantwana unabo? Me: Cha baba abekho. Dad: Kwancono. Kuba nzima kakhulu uma sekukhona nabantwana. Me: Empeleni odokotela bathi angizukuba nabantwana impilo yami yonke. Mum: Hawu mtanami. Yini? Joshua: Walima engozini eyemoto Dad: Aw kwakubike lokho. Me: Manje mama kwenziwe yini ukuth ubaba uMemela angazi ukth sasibabili? Mum: Owesibili wafika eseshonile mtanami. Ngavele ngangamtshela ukuthi ukuth benibabili. Nakimi kwakungelula ukukuhambisa naye kangangokuth ngaphambi kokuth ngishade ngamtshela ubaba iqiniso ngacela uxolo wangixolela. Sasesinquma ukuth emva komshado sizokulanda. Nakhoke sekuba nezimpi eNkandla sathutha sazohlala lapha. Kwaphoqa ukuth kesime kancane ukukucinga ngoba kwakufiwa mtanami. Ngonyaka olandelayo wazalwa uLindiwe kanti nodadewenu uzobuya azofuna ukwembeswa nokwethiwa igama. Ilapho-ke esabona khona ukuth kanti awuyena owakwaMemela kodwa ungowalapha ekhaya. Dad: Impela mtanami kunjengob echaza umama wakho. Mina ngasengithe asikulande uzokhulela lapha ekhaya ngisho ngabe awuyena owalapha ekhaya ngoba ngangimbona umkami ukuth uyahlukumezeka ngokungabibikho kwakho, sahamba sayokufuna samfica engasekho uMemela eMnambithi futh kungaziwa ukuth ukuphi. Abanye besikhomba eGoli, abanye bethi wabuyela eNkandla, abanye bethi kwaNongoma. Empeleni sahamba izwe lonke leli. Joshua: Naye ubaba uMemela encwadini uchazile ukth wathi uma ethola ukuth akayena owakhe wabuyela eNkandla wayokufuna kodwa wafica senathutha. Uncle: Wathola kanjani yena uMemela ukuth awuyena owakhe? Me: Odokotela bamtshela ukuth akanabo abantwana ilapho abona khona ukuth nami angiyena owakhe. Uncle: Aw mtanami wabuzwa ubunzima sibe sikhona siphila. Dad: Kodwa ngoba usukhona ndodakazi kuhle impela. Sesizokwenza izimfanelo sikufake ekhaya Lindiwe walked in with food. Lindiwe: Ngiyethemba seniqedile kengintshontshe usisi wami kancane. Dad: Akunankinga mtanami. Vele ngeke siziqede ngelanga. Ningakhululeka bantabami. We got up and followed Lindiwe. UMthunzi took Joshua wamusa koNjabula nami ngahlala noBongeka. Lindiwe: Gloria, laba odadewethu abanye. Bazalwa ubab omncane. Lo uPhindile, uZama, Xolile bese lo kuba uSindi. she pointed at them one by one. Me: Ngiyajabula ukunazi. Xolile: Ushadile yini? Me: Cha. Ubuziswa yini? Xolile: Ngiyabuza nje sisi akunankinga. Lindiwe: But yena noJoshua bengashada noma inini. That means he is off limit Xoli Xolile: Aw wangiphoxa phambi kwezivakashi. Lindiwe: Sorry uma uphoxekile. Ukuth besengisho nje ukth uJoshua was made for Thandeka. Ungaze ulingeke Everybody laughed kwasala mina noBongeka. Lindiwe walked out wabuya nokudla. I wasnt hungry but I ate because I didnt want to offend them. Sathi siqeda ukudla kwangena ingane yathi kukhona ubhuti ongicelayo phandle. Ngaphuma ngafica uJoshua emi eduze kwemoto. Joshua: Asiye estolo Me: Okay. Let me text Bongeka Joshua: Already done asambe We got in the car sahamba. Me: Uyasazi lesostolo? Joshua: Yeah. Bath ilapho esiqhamuke ngakhona. Me: Okay He drove in silent and then suddenly wamisa imoto. Me: Why are we stopping in the middle of nowhere? he didnt answer instead he kissed my lips. We kissed for a while and then stopped. He unzipped my dress. Me: What are you doing? Joshua: Taking your clothes off. Me: But why? Joshua: Because I am about to make love to you. Me: Emotweni? What if someone sees us?
Posted on: Tue, 20 Jan 2015 04:34:21 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015