ELANI IGIDIGIDI? For two weeks, oMongameli babaBhishobhi - TopicsExpress



          

ELANI IGIDIGIDI? For two weeks, oMongameli babaBhishobhi bamaKhatholika aseRoma nembijanyana yabashadikazi nabasebenzela izinhlangano zemindeni bebebuthene eVathikhani kwiSinodi engajwayelekile ukucubungula Izinselelo zokugxilisa iVangeli empilweni yemindeni. Nakho-ke abemthombo yezindaba sebeyithatha ngesinxele lendaba bethi kuyokhulunywa ngokushintsha kwemithetho ephathelene nama-gays, divorce ne-contraception. Umbuzo wami uthi elani igidigidi ngalendaba? 1. Kulokhu kwathi nhlo akukaze kuxoshwe muntu emaRomeni ngoba e-gay. Eqinisweni ama-gays akhululekile eBandleni futhi akhona kuzo zonke izinhlaka zokukhonza. 2. Le-ye divorce angiyazi nje nayo. Thina maKhatholika angamaAfrikha asinankinga yayo ngoba siyazi ukuthi umshado uphakathi kukaKhristo neBandla laKhe (kwabaseEfesu 5:22-32) naphakathi kwemindeni emibili, ephilayo nesidlulile. 3. Contraception yona iyahlekisa ngoba everywhere kukhulunywa ngokuthi let us go green ngamanye amazwi the natural way. So, why sifuna ukuthi go brown noma the chemical way uma sesiza endabeni yokuhlela umndeni. Ikhona I-Natural Family Planning bakithi. Anibusise Omdala wezinsuku.
Posted on: Tue, 21 Oct 2014 07:09:26 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015