INHLOSO YAMI Part 5 Ibhalwe nguKhanyo Gumede "Thina. Tell your - TopicsExpress



          

INHLOSO YAMI Part 5 Ibhalwe nguKhanyo Gumede "Thina. Tell your lil boyfriend ukuthi no civilians allowed inside." Kusho iboss. Amuthi klulu ngeso uThina bese eqonda kuJimmy. "UKhuse uthi phumani Jimmy. Amaphoyi..." "Ungachazi Thina." Kusho uJimmy ephenduka. "Pho usuzokwenzenjani?" "Akusona isikhathi nendawo yokuxoxa. No civilians allowed inside." Aphume ahambe amlandele noSazi. "Jimmy! Ngicela ukuhamba nawe. Ngiyesaba." "Usabani Sazi?" Ebuza engambhekile eqhubeka nokuhamba. "Nami angisazi. Konke nje." "Ufana nomuntu othule kimi." Aqhubeke nokuhamba. Aphoqeke uSazi ukuthi anyuse izinyawo ukuze ezohambisana noJimmy. Kukho konke. UJimmy akanendaba nomuntu ukuthi ucabangani ngaye kodwa yena ufuna ukwenza lokhu afuna ukukwenza ngaleso sikhathi. Akanalo neze ibhadi lokungayifezi inhloso yakhe. Ayibuke impilo yale ndoda uSazi ayithande aze acele ukujima noJimmy ukuze ezochitha naye isikhathi esiningana. Besekusile wonke umuntu evuka ecabanga imisebenzi yakhe yosuku. NoJimmy wavuka ezitshela ukuthi ulungiselela ukuya emsebenzini kepha esekhohliwe ukuthi uyekile. "F*ck!" Eshaya itafula ngezandla zombili. Aziphonse kusofa azibukele umabonakude. "...impela kunjalo. Silwa nobugebengu kanti ngokufeza lawo mazwi ethu sesibone kungcono sithole abanye abasebenzi abazosisiza ngoba impela sekwandile ukutholakala kwabantu bedwanguzwe bashiywa kanjalo. Kanti-ke angeke sikumele lokho. Sizoma njalo ukuze sigcine isizwe sethu siphephile.". Kusho uMaDube ngokuzethemba okukhulu. "Singakujabulela ukubona amadoda azethembayo ezinikela kulo msebenzi lingakapheli leli viki esilisombulukayo." Kusaqhuba yena belu uMaDube ezindabeni zehora lesihlanu. Amamatheke yedwa uJimmy. Asukume ayothatha i-ring abeyigcinile ayibuke ayiqhathanise nale efakwe uMaDube. Kuthi akahayize aphonse le kwa-remote yamabonakude eseduze kwakhe. Azibambe ikhanda, efisa ukusiphuna izinwele. Pho uzozithathaphi ngoba ephucile nje? Asukume ayogeza nokwenza amanzi besewalungisile. Uthe eqeda nje kwabe kunqonqoza umuntu emnyango, aphangise eyovula. "O, Thina! Ubekwayini la?" "Uhm, Jimmy. Akulutho ngizobuye ngibuye uma kungasona..." "Cha, cha, cha. Kulungile Thina. Kulungile ngena." Esho emqhelela. "Ngikwenzele isiphuzo?" "Angihleli. Empeleni bengizobona ukuthi uqhuba kanjani emva..." "Yeah yeah. Ngi sharp mina Thina. Kuzolunga konke. Sekusele kancane nje." "Kodwa Jimmy? Nabanga ini kangaka noMaDube?" "Akukho lutho. Ngazi izimfihlo zabo nje qha kanye nale nkawu enisebenza nayo. Futhi nje, uyabo..." Efutha amakhala, ecasuka. "Jimmy. Ehlisa umoya. Ngicela uthathe isikhathi sonke ucabangisise yonke into ngaphambi kokuba wenze." Esho ngomoya ophansi uThina. Asukume azulazule indlu yonke edla imihlathi. Kucwebe izinyembezi emehlweni. Azame ukukhuluma kodwa kumane kugcwale amathe emlonyeni. Awagwinye bese kuqathaka izinyembezi. "Thina. Uyazi Thina. Awungazi mina. UMaDube noKhuse bangiphuca yonke impilo yami. We Thina. Uboke uhambe uyopetulula ama-files asemsebenzini ubuke kahle yonke i-profile yami. Bangenza inja uqobo lwayo, ngizobakhombisa-ke mina." Esondela ngasewindini abambelele ame abuke phandle eside isikhathi lesi. Asukume uThina afike ambambe emahlombe bese ekhulumela endlebeni yakhe. Kancane. Ngomoya opholile. "Jimmy. Uyazi ukuthi ungangitshela noma yini angithi? Kwenzenjani baba? Yini le ekudla kangaka. Sesiside isikhathi ngisebenza nawe mina kodwa angiyazi impilo yakho, angiwazi umsuka wakho, angiwazi umnden..." "Ini! Yeyi, we Thina! Awazi ini? Kungani ungayobuza lezi zimfene osebenza nazo lapha. Kodwa isikhathi lesi. Isikhathi sokubuyisa impilo yami ngendlela engiyithanda ngayo." "Ngiyaxolisa Jimmy. Uma ungathandi ukukhuluma ngayo kulungile mina ngizosihlonipha isinqumo sakho." Esho eqoqa izinto zakhe. "Kwakumnyama. Angibonanga okuningi. Kodwa kwakungekuhle kahle. Bangiphuca yena, ubeyikho konke kimi. Ubeyisizathu sempilo yami Thina. Ubeyinjabulo yami... Manje. Hhayi, angijabule neze. Kunaleso sikhala esingasophinde savaleka. Kodwa uma ngicima lezi zinja kuzophola izilonda, bonke ubuhlungu buzoshabalala." Ehabula amakhovula sekuqanse nemithambo. "Ubani lowo Jimmy?" Esondela kuye. "Bangishaya Thina. Empilweni yami yonke ngangiqala ukushwaya kanjeya. Mina ayikho inja eyake yangitalabha njengeslima kanjeya. Sasihleli kamnandi sijabulile kwaqhamuka amaphoyisa asiqonda afike athi asiwathengele okuphuzwayo kanti afuna indlela yokusingena. Kwakunguye loKhuse nomaDube bengakabi nazo izikhundla asebekuzo manje. Babesikhulumela uthuvi sangahambisana nemiyalelo yabo base beqala basikhomba ngezibhamu. Lapho sasingaphethe lutho ngisho isiqwayi lesi. Basishaya basiphuca imadlana esasiyiphethe qede basivalela ema-drum(ini) ka-oil bethi bafuna singabaleki. Angibonanga nalapho sebemthatha uzakwethu. Angazi nokuthi bamyisaphi kodwa mina bangihudulela ngaphansi kwezibuko elalingahambi muntu, bengibophe ngamaketangu ngathi ngiyinja. Bengiphosela ukudla ngidle ngomlomo kuhle kwenja. Kwathi sebakudelile konke lokho wase engithatha uKhuse wathi uzongiqasha angenzele yonke into. Nami angisazi isizathu salokho kodwa kungathi imiyalo yayivele enyangeni ababeyihambile ngoba befuna izikhundla eziphezulu. "Angiqondi Jimmy. Imiyalelo enjani yona le yokuhlukumeza umuntu ngalolu hlobo? Aghha mani! Nxa!" "Sonke lesi sikhathi bengiyisigqila sikaKhuse...". Ekhala. "Thina? Angisiye mina uJimmy. Igama lami langempela nginguZakwe, ekhaya kuseMtuba. Uyabona manje. Ngiyahamba ngiyolanda uMuzi." "Ini?" Iyaqhubeka. ******** Bo my helele. Ngivule I-page elisha just for fun. Bengingathanda ukuba nani futhi kulona. Just search "Khanyo Gumede" Uzolibona my dear. Ngizonifakela i-link yalo kuma comments ukuze kuzobalula. Thanks for support.
Posted on: Wed, 09 Oct 2013 17:07:49 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015