Ibhalwe ngu Nkosingiphile lovemore Sgazu Ungazisoli...( - TopicsExpress



          

Ibhalwe ngu Nkosingiphile lovemore Sgazu Ungazisoli...( part2) Ohh hee umuntu usendleleni madoda uyoqala impilo entsha yasedolobheni nabantu abasha , abangani abasha konke nje kusha sengizoziphatha ngizilawule aycha impilo imnandi ngesinye isikhathi, ngangingacabangi ngiyoke ngilibhade e kapa, cha ngiyokhumbula emuva kodwa lena imicabango esekhanda laMlungisi yenjabulo ngenkathi esahlezi elinde ukusuka kwendiza e King Shaka International Airport Ethekwini osekusele amaninjana ukuthi isuke , isikhathi sithi ( 12: 40) kungekudala izosuka nge hora lokuqala( 1 Oclock) ilibangise kwelodumo. Engalindele ngokuphazima kwehlo esebhizi ecabanga lashaya ihora lokuqala okuyisikhathi sokusuka, lwamhaqa uvalo akakholwa ukuthi uyalishiya ngempela elakubo lasemakhaya kanti nendiza akakaze ayigibele yize ikhona yonke imali kubo. Wabe esevele edonsa umakhalekhukhwini washayela umama ekhaya. ( ocingweni nomama wakhe) mama : (ngelenjabulo) mlu khehla kunjani mfana kamama usukuphi booh mfanana? Mlungisi : ngyaphila mama, ngikwazisa kona nje ukuthi siyasuka khona manje nje. Mama : ok mfana kamama, ungathuki nizofika manje kungekudala ngyazi uzitshela ukuthi nofika ebusuku( emuncokolisa) mlu : (ephelile insini ) hau mama waze wadlala ngami jesu. Mama ngizobuye ngikuthinte masifika nomoya awusekho ocingweni bye( wahleka kancane evalelisa ) Mama : uhambe nenkosi boy boy mama uyakuthanda bye( esho ngobuso obuchachambile) Wathi eluvala ucingo nje yasho yaphakama eyabelungu isithatha uhambo lwayo. Lapho emuva umama usele ukhuluma yedwa ujabule ngenye indlela angayazi yahamba madoda eyami indodana bazoyibona kahle mayibuya ngoNtulikazi( july) uyaphuthelwa impela umfazi ongazalanga kodwa ngizomukhumbula uMapholoba umashiya amahle. NoMlu naye udliwa imicabango manje ngikubona konke kodwa izintombi zami bakithi zizosala zidlala abafana nxx kodwa ngizobuya vele Kunganizele muntu yasho phakathi e Cape Town international Airport isiyobahlanza, lapho isikhathi sithi ( 03 : 05) abathathanga sikhathi eside kona bafika. Bathi bedilika nje uMlungisi waqalaza ,waqala futhi ubona ubukhazikhazi bendawo nabantu bagcwele bazohlangabeza abathandiweyo babo kuyaphithizela impela kuncane akubone eThekwini, akakaze alubeke ekapa kodwa bekuyisifiso sakhe seminyaka ukuhlala khona. Wehlanje kancane esathi uzobuza nebala wathola indawo yamathekisi ( rank) lapho azogibela khona, nethekisi washesha walithola eliya kwi khempasi ayofunda kulo engakabuzi kakhulu, uyithole isigcwala ngenhlanhla phela isikhathi sokubhalisa manje ezikoleni, wangena wahlala maduze nomyango emva kwamshayeli lapho uhlezi nentombi yekhalathi eshaye esincane isikhindi lesi yashaya nesikibha sayo esiveza isisu. Hayi lokhu kwavele kwamkhombisa umfana kaNgcobo ukuthi laba akade ephatheke kabi ngokubashiya emuva oZama no Sindi noNombulelo ukuthi indaba yabo ayikho mayebona abantu abanje. Wayibulisa lentombi oka Mapholoba akazikhohliwe eyisoka yavele yamphendula nge Afrikaans awu kwaduma upotiyane wase echaza ngelikajoji ukuthi akezwa qobo nje hayi baxoxa nje okungatheni ngesilungu phela lelikhaladi limbona ethi akafane nabo malimbeka kanti lutho baze bafika lapho bedilika khona bezama ukwazana kancono okwakubonakala nje ukuthi bachitha isikathi kwanaye umlu akakajwayeli usathukile bekuwekwenza nje ............. Ngingakushiyi ndiza nathi nomlu bo. Part 3 is coming
Posted on: Sun, 12 Oct 2014 10:11:22 +0000

Trending Topics



FOR IMMEDIATE RELEASE Friday, January 2nd, 2015 - Dallas, Texas
TONIGHT!... Oxjam comes to The Edge Bar in Basildon! An Oxjam
#GTPD Media Release: Motorcycle Operator Injured In Collision With
I struggle with not picking up the sack each and everyday but i
500 11.5 Gram SUITED Chips in SILVER ALUM Case 500 11.5 Gram
If you know to get out of your house to get real human connection,
Federation of American Scientists: The U.S. Department of State

Recently Viewed Topics




© 2015