LELI ALABAHLUZILE, BAHLUZISISA: Wayeseqashiwe uThiza ezoba - TopicsExpress



          

LELI ALABAHLUZILE, BAHLUZISISA: Wayeseqashiwe uThiza ezoba yi-CEO yenkampani enkulu yezobuchwepheshe besimanje (technology). Le CEO eyase iphuma esikhundleni yabizela uThiza eceleni endlini engenamuntu yase imnika izimvilophi ezintathu ezibhalwe izinombolo. Ngicela uvule imvilophi yokuqala mhla wahlangana nenkinga ocabanga ukuthi angeke uyinqobe. Kwasho le CEO esiphuma esikhundleni. Izinto zazimhambela kahle uThiza esaphethe, kodwa kwathi emva kwezinyanga eziyisithupha inkampani yaqala yadonsa kanzima imikhiqizo ingasadayisi kahle. Wakhumbula izimvilophi ezintathu anikwa zona yileya CEO, waqonda ehhovisi lakhe wavula ikhabethe wadonsa imvilophi yokuqala. Yayibhalwe ukuthi, Gxeka i-CEO yangaphambilini. UThiza wabiza izintatheli, ngobuchule bakhe wagxeka owayephethe ngaphambilini esho nokuthi kungani inkampani lena ingasadayisi kahle ngenxa yezinqumo zalona owayephethe ngaphambilini. Wathi angagculiseka ngokuphawula kwakhe phambi kwezintatheli, kwaqala futhi kwaba nomehluko istoko semikhiqizo sadayisa ubuthaphuthaphu. Inkinga yayingasekho. Emva konyaka inkampani yahluleka ukudayisa isitoko esigculisayo, nemikhiqizo yakhona yancipha. Wakhumbula akufunde ngaphambilini, wahamba wavula imvilophi yesibili. Kwakubhalwe ukuthi, Shintsha i-strategy osisebenzisayo. Nempela wenza kanjalo, inkampani yabuya futhi yadayisa kahle! Emva kweminyaka emibili, inkampani kwayiphinda futhi lokho ibhizinisi ladonsa kanzima. Yahamba i-CEO enguThiza yaqonda ehhovisi layo, yavala umnyango yase idonsa imvilophi yokugcina. Umlayezo wawuthi, Lungisa izimvilophi ezintathu. * * *
Posted on: Wed, 04 Dec 2013 11:52:29 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015