Ngingowesilisa osebenzayo nje umsebenzi ongikhokhela just above - TopicsExpress



          

Ngingowesilisa osebenzayo nje umsebenzi ongikhokhela just above 6000 uma sekuthathwe ama deduction. Nginezikweletu ezixakayo. Ezinye zazo ngazifaka ngibhekile ezinye ngangiphoqeleka kodwa okubalulekile wukuthi angisakhoni ukuzikhokha and ucingo lwami luhlezi lukhala ama creditos engibelesela. Isisombululo enginaso esokuthi ngiyeke umsebenzi ngoba vele kuyefana nokuthi angisebenzi. Ngihola namhlanje ngakusasa kuse ngingasenamali. Uma ngishiya umsebenzi hlampe amasentshana engingawathola angangisiza ukuvala ezinye bese ngithandazela ukuthola omunye umsebenzi ijoka selithe ukwehla kancane. Ngicela ningicebise or ningiphe amasu angase angisize other that resigning. abathukayo ay yilungelo labo nabo. Abazongisiza ngiyobonga kakhulu.
Posted on: Sun, 11 Aug 2013 09:13:08 +0000

Recently Viewed Topics




© 2015