Simjay Gumede Esontweni likaMathayi abantu babejwayele - TopicsExpress



          

Simjay Gumede Esontweni likaMathayi abantu babejwayele ukuzovuma izono. Inkinga eyaqapheleka eyokuthi babebaningi abantu ababezovuma ukuthi baphingile. UMathayi waze wamemezela ukuthi uma umuntu ezovuma isono sokuthi uphingile, akovele athi uwile. Nangempela abantu bakwenze lokho. Abantu baqhubeka-ke bevuma ukuthi bawile, kwaze kwaba yisikhathi la uMathayi eyeka ukuba wumfundisi. Kwase kuba uThibhoz umfundisi omusha. UThibhoz wayengayazi indaba yokuwa. Kwamkhathaza ukuthi abantu njalo bafika bathi bawile. Kuthe ngelinye ilanga wabiza ikhansela elinguMjikijeleni. Athi uThibhoz: Nginenkinga la. Ngicabanga ukuthi le ndawo kufanele ilungiswe, kungenzeka ukuthi inemigodi eminingi. Athi uMjikijeleni: Yini edala ukuthi usho njalo? Athi uThibhoz: Njalo abantu bafika la bathi bawile. UMjikijeleni ngenxa yokuthi wayeyiqonda indaba yokuwa, wavele wahleka. Engakachazi uMjikijeleni ukuthi uhlekani, athi uThibhoz: Angazi ukuthi usinekani ngoba umkakho uMbali usewe ka-4 kuleli sonto.
Posted on: Fri, 25 Oct 2013 19:05:32 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015