This Poem is dedicated to Pastor Zondo: BAGIYA NGETHAMBO - TopicsExpress



          

This Poem is dedicated to Pastor Zondo: BAGIYA NGETHAMBO LAKHO Bagiya ngawe kwangathi kuqala ngawe Ekubeni akekho ongazi ukuthi lixhoshwa libhekile Ngoba vele isono samadoda sivela ngokubona Namuhla sebayasazi isono nephutha ngawe Ake ngibuze ngubani ongalingeki na? Bagiya ngawe ingoba bakhohliwe ngezabo Ekubeni akekho ongazi ukuthi liwela umfula ugcwele Ngoba vele zibanjwa kweziwudlayo Namuhla sebebala amabala engwe ngawe Ake ngibuze ngubani ongaphazami na? Bagiya ngawe ingoba bakhuluma ngokubi kodwa Ekubeni akekho ongazi ukuthi umona usuka esweni Ngoba vele bekubophela amanqina enyathi, bakulalela unyendle Namuhla sebezibuka ngawe emanzini njengothekwane Ake ngibuze ngubani ongonile na? Bagiya ngawe ingoba sebekwehlulela imbala Ekubeni akekho noyedwa osayigcinile imithetho eyishumi Ngoba vele umkhumbi ohambayo odibana nezivunguvungu Namuhla sebangoncwelencwele ngawe, liphi izolo labo bona na? Ake ngibuze ngubani ongalenzi iphutha na? Bagiya ngawe ingoba bemboza ezabo Ekubeni akekho umuntu ophilayo ongenasici Ngoba vele bathi iqaqa alizizwa ukunuka Namuhla sebethembeka ngawe, zolo lokhu bewubesula izinyembezi Ake ngibuze ngubani oncwele na? Bagiya ngawe ingoba bekuhlinzela ezibini Ekubeni akekho ongalazi igalelo lakho Ngoba vele umuntu incwadi engafundeki Namuhla bakubeka amabala kodwa awabo asuka ngawe Ake ngibuze ngubani ongenasono na? INXEBA LENDODA ALIHLEKWA NGOBA KUSASA KUNGAWE, UNGAKHALI UMA SEWUKHUNJUZWA Nkue
Posted on: Sat, 24 Jan 2015 08:23:15 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015