Usuku lukaPetunia Ibhalwe wuFuh okaNjomane noNtsoaki - TopicsExpress



          

Usuku lukaPetunia Ibhalwe wuFuh okaNjomane noNtsoaki Nkosi Isiqephu seshumi nanye Ehle asondele ambuke kanye anxaphe avule isango angene eyobheka endlini yakhe ngoba ubeseshayelwe abama alamu ucingo ukuthi kukhona okuphazamise ialamu kwakhe, avele athole ithuba lokungena masinya uPetunia aqukule isikhwama sakhe ajike, uthe esathathe ugxathu Where do you think you going Petunia? Emi embukile uSmith Eeeeh! Its PN remember PS not Petunia, hawu lomlungu akekho ezingeni maan esondela What went wrong? Esho engena endlini noPetunia elandela Nothing egodle isikhwama sakhe ungafunga ukuthi kunezizumbulu kuso So what triggered the alarm? why is your bag with you are you knocking off already? and... my house! Its still dirty!? what the hell were you doing after I left? Esebomvu ngenkani ungaze ucabange ukuthi ubenindwa ngopende Athule ambuke uPetunia umunwe usemlonyeni ngapha ulokhu enyakazisa unyawo olulodwa ngathi uselinde impi I asked you dammit! What the hell happened?! Uyasondela manje Avele ajike ngeshodi uPetunia athi uyathathela ngejubane avele anqubuzane nomnyango ngobuso abesekhohliwe ukuthi ubuye nawo uma engena avele avume phansi izinyawo zisasho ukubaleka kodwa umzimba usuphansi You see now? You see? Esondela emvusa uSmith Alule isandla abambelele kwesikaSmith ngesisodwa esinye sesibambe ikhala eselivuza igazi,uthe elibona wazibona eseshona Yoo! Yoo! Ngiyafa! Sizani bo! Nakhu ngizofela kude nasekhaya!Izandla zivaya emoyeni usegcwele indlu wayekela nekhala igazi seligcwele iphansi lonke Stop! Stop! Petunia are you always like this or maybe you not comfortable working for me? WuSmith amdonse ngengalo amhlalise esitulweni usebeke nebhokisana eduze kwakhe elinemithi Agqoke amaglavu bese elanda isitsha esincane esinamanzi afudumele asibeke naso eduze kwalo ibhokisana lelo, amgeze kahle ikhala bese ekhipha uvolo acomboze esitshaneni esinomuthi awubeke ekhaleni Maweeeee,uyangilimaza wena deshetholi!! Emsunduza isandla ngenxa yobuhlungu Sorry, sorry! I wont hurt you again encenga isandla sakhe amgeze aze aqede Imambane isi-eshuza into engekho nje isijabulela lokutotoswa wumlungu Hawu cha udlalile Mpherechi namuhla, udlale ikhadi okuyilona mfanawami, uke wacabanga nje ukuthi uzoke ugezwe wumlungu omhlophe? Ngisho naye uGoodness angithembi ukuthi uke wagezwa wuSmith wakhe, uyabona ke Mphesh kuyasiza ukwazana nabantu abazi abantu buka manje ubusuduba siwengu kanti ufike ekhaya Ngiyahlala la angihambi uGoodness usengahlala nomsebenzi wakhe wokuzungeza nesitulo uyoze abe nesiyezi mina sengakhile la ulokhu ejeqeza uSmith Have you eaten? Ngezwi eliphansi Noo! Washo ngelingakanani izwi ungathi ubezophikiswa Why are you doing that? You cannot work while you havent eaten, I will make some food ok! Esho eya ekhishini This is the life Mphesh! This is it man! Awusabaleki ke manje ungizwa kahle? Uke wakucabanga lokho uyongazi kahle uzobona ngizobukisa ngawe njengoba nawe wenza kimi ahlale ancebeleke kusofa aze akhilose nemiconjwana elinde ukudla engabe wuye owenzela uSmith ilantshi Emva kwesikhashana wabuya uSmith nethileyi elinezingcezu ezine zesinkwa kanye nengilazi yobisi. Wamhlangabeza engakafiki nakuye uPetunia wathatha ithileyi wayohlala nalo kusofa. Wathula isikhashana ebuka isinkwa sakhe cha nje ngeke ngisuthe la. Futhi nawe usuphinde wasinciphisa kakhulu ngokusishisa lesi sinkwa. Ebuka uSmith sakumkluluza qede athathe isinkwa asilume ahlafune sengathi yileziya zimpisi zaku THE LION KING. what was that about? uSmith esabuza ngokukluluzwa kwakhe nguPetunia. Lutho baba! Tv please PS esho eqhiyama kusofa eqabula esiphuzweni sakhe. Mr PS Petunia and please speak English ethatha ilimothi uSmith evula umabonakude qede anikine ikhanda ebuka uPetunia. PN not Petunia Ngikutshele kangaki leyonto! esemi ngezinyawo ebambe ithileyi elingasenalutho. Athuke kuphele nasozwaneni uSmith, engani ubengayilindele le aseyenza uPetunia. Avele alibeke ezandleni zika Smith ithileyi uPetunia, athathe umshanelo abewushiye phezu kukasofa nawo awunike uSmith osamile ekhungathekile. Ahlale agoqe izandla egqolozele umabonakude.Ahambise thileyi ekhishini uSmith qede abuye athathe ilimothi acishe umabonakude. Yeses! Umlungu onjani lona ongenamamenazi kanje madoda bazalwane! Awuboni ukuthi ngisa... Ngisa... ngisasukuma wamane wayijika eduze inkulumo yakhe lapho ethi ubheka uSmith wamfica engabhekeki. Wacosha umshanelo ngokushesha sorry PS ngiyabona ususiliyasi kanti be... wamngena emlonyeni uSmith ENGLISH PETUNIA, AND I AM MR PS NOT JUST PS! esho ngesankahlu qede waphenduka ngokushesha wayongena ekhishini. Wasala emile uPetunia eqhaqhazela nomshanelo, egwinya namathe kaningi aze acimeze. AND I AM NOT PETUNIA TO YOU BUT MISS P... N OKAY! ebhavumula aze acokame ekhomba ngasekhishini. whats wrong with you young lady? ebuza ngomoya ophansi uSmith esondela kuPetunia emva kokuphuma esethele umzimba phansi ekhishini. whats wrong with you young man!? efuthelana ehlehla nyovana, elokhu ekhomba uSmith ngomthethi wamacala. Asondele kakhudlwana uSmith naye ahlehle kakhudlwana aze ayoshayisa ngezithende etafuleni elifishane elincane avele aketuke abheke phezulu, kube wubusantusantu elahla imilenze emoyeni. Whats wrong with you? Whats wrong with you? useyakhala manje, cha impela ukusutha kuyadakana okwangempela. USmith engathi uzalelwe yinja endlini namuhla, uyakwazi ukungenelwa amanzi endlini ifenisha iseyintsha. Keep your legs together woman! Whats wrong with you? Ok ok ok miss PN am sorry uSmith ezama ukukhipha amanzi endlini. Azithi vosho phansi izinyawo uPetunia qede amamatheka ebuka uSmith. Nazoke usuphethe egcwele ke manje njayami, engathi mina nawe sizoba njenge sinkwa nebhotela uyangithola? esho ephakamisa isithupha uPetunia anqekuzise ikhanda ngokushesha uSmith yize engezwa lutho nje qede aphakamise isithupha naye njengo Petunia ezama ukumamatheka. Sit on the couch Miss PN I need to lay some ground rules,if you dont like them you can go! Avele akhombe umnyango Akubone lokho uPetunia avele asukume adonse kahle ingubo yakhe bese ehlala kahle kusofa ageqe izindlebe engathi uzozwa kanti usendlulisa ihubo nje ukuthi kuculiwe, ambuke emehlweni Fistly, Im your boss not your friend, you dont have to abuse my kindness...Engakaqedi Hey! Hey! Kahle wemlungu, sir when did I abuse you heeee?! Esemi ngezinyawo SIT DOWN!! Washaya itafula Wavele wehla kancane kancane uPetunia wabuyela kusofa esehlahle amehlo Im still talking okay! Secondly,from now on you gonna address me with Sir not these PN and PS things, are we clear? Emqolozele Avume ngekhanda uPetunia Thirdly, you will come to work on time and leave on time that is 8:00 to 4:00 and you will leave this house sparkling clean lastly, you have a choice of going now and never come back or you behave yourself and never pull any stunts on me again otherwise here is the door, use it! Asho aqede asukume engalinde mpendulo Ambuke esukuma uPetunia avele angazi noma asukume okanye aqhubeke nokuhlala phansi Mphecheri aiy ngathi la uzoba senkingeni lomlungu bengithi uphethe ulayini kanti yimpatha nje engaqondi ukuthi wena uphila kanjani, shono ke gal siyaqhubeka noma siyayeka la sizolinda owasehovisi....awucabange usheshe mani nawe ezishaya ekhanda akaboni nokuthi uSmith umbukile Are you okay? Ethatha okhiye bemoto Yes! Yes! Sir I am esaba ngisho ukumbuka Take your things and lets go I will... Washo entshweni wavele wathwala isikhwama sakhe washiya konke lapho engasalungisile waphuma wayolinda esangweni ukuthi lithi livuleka abe esengaphandle into emhlanganisa noSmith namuhla uyayibonga, akhiye aphume uSmith kuvuleke isango aphume engathi ushona emotweni uPetunia ayidlule ngathi ayikho athathele ngejubane ubungafunga ukuthi ujahwa yizinja kanti cha uyabaleka, wama wathula uSmith exakiwe. IYAQHUBEKA
Posted on: Mon, 01 Sep 2014 06:31:55 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015