Abantwana bakwa Israel,babengaphuma ngenye indlela,ngenkathi - TopicsExpress



          

Abantwana bakwa Israel,babengaphuma ngenye indlela,ngenkathi bephuma eGibhithe.bengadabuli ulwandle bahambe ngale eyayingaba lula,ingesabisi,ingangabazisi,kodwa eyayizoba lula nje. Kodwa uJehova wabaweza ngamabomu ulwandle,bona neGibhithe bahlukaniswe ulwandle,uyacabanga ukuthi ulwandle lubanzi kangakanani,bathi uma sebewelile kwaba sengathi abakaze basondelane neGibhithe. UNkulunkulu wayenzela ukuthi,bamesabe,bazi ukuthi unamandla okwenza noma yini,bamethembe futhi ukuthi baphephile ngobukhona bakhe.wayenzela nokuthi,babe nakho okubagqugquzelayo ukuqhubekela phambili,njengokuthi sengihambe kangaka ngisengabuyela emuva?abanye bephokophelele izwe lesithembiso.ayekhona ke amadelakufa ayehlale ebalisa,efisa nokubuyela emuva ngenxa yobude nobunzima bendlela. Kodwa okukhulu nakhu,wahlukanisa uIsrael neGibhithe,ibanga elikhulu.ngoba ehlukanisa uIsrael nemikhuba nokona wayefuna kucace ukuthi uhlukana into engakanani nezwe okungelona elakini nemikhuba yalo,yingakho baqala ukubekelwa imithetho,nezimiso,nemiyalo,ngoba babesuka ezweni elihlanganise konke,kodwa sebeya kwelokuhlukanisa.sebemelwe ukuba nemigomo nemibandela,ngoba bayahlanjululwa empilweni endala baqala entsha. Kubalulekile,uma ungumntwana kaNkulunkulu,uhlukanise,yiba uphilangezwi igama lakho,ukuze wazi intando kaNkulunkulu,uma usuka esonweneni uphenduka,cabanga phela ukuthi,unjengo muntu osuka eGibhithe owela ulwandle,usazodabula ihlane,kufike indlala,isifo,izimpi,inhlupheko,uswele amanzi,kufike isichotho. khumbula indlela inde,phatha umphako owanele,kuze kungathi uma ubola,noma uphela bese ujika uye eGibhithe uyofuna ukudla,noma ungene kwabaseduze ufune kubo ukudla,ungaze udle nokungadliwa nguwe,bese kuphazamisa indlela yakho. kuphela yima khona lapho ehlane ukhuleke uNkulunkulu akwehlisele imana,khala khona lapho uJehova uyezwa,uma ubekezela unesineke,uzokunika njengokufisa kwakho.hlukana nokona,izimfundiso zabantu ezingasekelwe encwadini engcwele,musa ukufuna lokhu okwenziwa ngabaningi.noJoshua baphumeleliswa ukulalela uJehova. Akushiwo ukuthi buyelani emthethweni wakudala,kodwa imiyalelo elishumi isamile.
Posted on: Mon, 05 Aug 2013 18:35:58 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015