Admin awungifihle.ngingowesifazane osekhulile ona-33yrs nginoCC - TopicsExpress



          

Admin awungifihle.ngingowesifazane osekhulile ona-33yrs nginoCC wami ona-21yrs n bengimethemba ngalendlela exakile n indlela ebesizwana ngayo bengekho odlayo omunye engekho besilindana,Nginesoka n bekuthi njalo uma lingivakashele ekhaya uCC wami obenokuhlala naye amchithise isizungu futhi nami bekungekho ebengikusola phakathi kwabo. Ngimangalile uma abakwami befika ekuseni ngovivi bembethe amatshali beqhuba izimbuzi kanye nnezinkomo ezimbili bethi bazohlawula isisu,uma bengibuza abazali ukuthi zingaki izinyanga njengoba ngizohlawulwa nje,ngiphike ngithi angimithi mina,avesane aqhamuke uCC wami athi uyena okhulelwe n una-4months ekhulelwe n isisu eseBoy Friend yami. Into engiyenziwa udade wethu ibuhlungu n ayivumi ukudlula n bengiyithanda ngenhliziyo yami yonke iBF yami,ngicela ningibonise ngenze kanjani ngibayeke baqhubeke bathandane bobabili n ngiyidlulise kanjani lento bcs ngihluleka nokumbeka uCC wami every day umcamelo wami kusa umanzi nte izinyemezi ngibuza ukuthi kungani ngenzeka issilima kanje,ngsaba nokuphumela emnyango sengiyibambe ngayiyeka intambo ngicabanga ukuzibulala.Plz ngenze njani ukuze idlule lento kimina.#okhathazekile#
Posted on: Wed, 13 Nov 2013 05:54:04 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015