BAHOLI NJENGOBA NINGAFUNDISI IVANGELI LIKA JESU, AMADEMONI - TopicsExpress



          

BAHOLI NJENGOBA NINGAFUNDISI IVANGELI LIKA JESU, AMADEMONI AFUNDISA ELIKA SATHANE! Bafundisi njengoba ningafundisi abazalwane emasontweni nje ivangeli langempela, ama demoni ayafundisa ke wona and a very aggressive kwimfundiso yawo. Njengoba thina sisashumayela ivangeli eligqokiswe inabukeni nje, ama demoni afundisa izinto zase university yasesihogweni and baya graduator abazalwane. Baholi liyamelwa ivangeli (ukuma kusho ukuthi liyaphilwa aligcini ngokukhulunywa), ivangeli leqiniso; - Elithi umntwana kaNkulunkulu akajoli - Elithi umntwana kaNkulunkulu akahlukaniswe nophuzo oludakayo - Elithi phila impilo engcwele, engasoleki - Elithi hlukana nezinto zabaphansi Isonto akusiyo indawo ye entertainment lapho kuzojabuliswa abantu khona, kodwa isonto yilapho sihlanganyela khona ngento eyodwa okuyizwi lika Nkulunkulu. Kuzolalelwa ukusho kuka Nkulunkulu, kubekwe njengoba kunjalo; - Noma ngabe kuqeda i choir ye sonto - Noma ngabe ishaya umntwana kamfundisi - Noma ngabe likhipha isiqumama sesonto ngaphandle Kodwa izwi liyalalelwa beseliyenziwa. Bashumayeli izwi lika Nkulunkulu akusiyo into yokuzitholela udumo ngalo kodwa izwi lika Nkulunkulu elokutholela uNkulunkulu udumo. Izimfundiso zama demoni ezithi; - Akekho umuntu ongcwele - Angeke ushade ungajolanga, udinga ukwazana nomuntu kuqala - Umuntu wesilisa vele udaliwe ukuthi abe nezintombi eziningi - Elithi intombi engashadanga ilale nomfana NJENGOBA SINGASHUMAYEZI ABANTU NGEVANGELI LEGOLIDE ELAMISWA UJESU, AMA DEMONI AYASHUMAYELA WONA IVANGELI LASESIHOGWENI!
Posted on: Tue, 05 Aug 2014 12:54:39 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015