By Lindokuhle W Mngoma SABUTHWALA UBUNZIMA Kusemini - TopicsExpress



          

By Lindokuhle W Mngoma SABUTHWALA UBUNZIMA Kusemini bebade, liphumile nelanga alizibekile phansi.Libalele lithe cwe nasebukhweni benja.Isithunzi sesingango mniniso. Ngiyeke ngithi, likhipha umkhovu etsheni.Kulo lelo langa elikhipha inhlanzi emanzini, akahambi uyandiza umuntu wansondo. Akajulukele wona amahala.Ukusa lokhu kubonwe nguye elungiselela lona loluhambo nokuthe lapho ilanga liqambe liphuma ezintabeni Zondi noKhahlamba indlela besiyaziwa nguye ebabele eDube station ukuyogibela inqola yantathakusa. Ayicele njalo ngoCarlton street ejika lapho ojika khona.Nguye lo ethatha u-Alexandra street okuwumgwaqo omncanyana odabula phakathi namajalidi alapha ePrimrose.Kucace-ke manje ukuthi usefike khona impela emajalidini nazi nezinja seziqalile ukumkhonkotha.Acothoze kancane ehamba eqalaza kubonakala nje ukuthi udukile kumbe-ke unokudideka.Akasawukhumbuli nakahle lomuzi aya kuwo.Seyiminingi neminyaka agcina ukuza lapha.Uma ebuyisa ingqondo kahle uyakhumbula ukuthi wayeneminyaka eyisikhombisa nje vo uyise egcina ukumvakashisa lapha.Kwakungamaholidi kaNtulikazi zivaliwe nezikole.Wayesabusa phela ngalezo zinsuku kwazise phela kwakusanguye kuphela ebazalini bakhe.Nakhu-ke eselanywa nguBuhle kanye noSipho.Akuphelanga nemingaki iminyaka babe sebeshiywa ngunina emhlabeni, kusukela lapho-ke akaphindanga walubhada lapha ePrimrose.Kwala ngisho uMnumzane uSmith esezikhalela kuyise uNgcobo, ekhala ngendodana yakhe uCharlse ebulawa isizungu.Yayiba yinye nje impendula eyayinikezwa uMnumzane uSmith.Cha Mnumzane uPrince angeke akwazi ukuvakasha lapha, uqaphe abantwana ekhaya. Kwakungeve kubuhlungu mhlazane uMnumzane uSmith ehlukaniswa nendodana yakhe uCharlse.1960 March 21, emvakosuku nje uphumile umbiko wokuphathwa kodom pasi.Izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu zanikela esteshini samaphoyisa eSharpville.Izinkumbi zabantu zazibuthene khona eSharpville.Babethukuthele begane unwabu ,bewotha ubomvu, besho ukuwabamba ngezandla amaphoyisa amabhunu.Kuyilabo bekotela othangweni befuna ukungena ngenkani.Sezimile izinsizwa ezimhlophe, zishaye uhele kuyilowo nalowo ephethe eyakhe inhlokohlela yesbhamu.Zibabuka beshinga,zinukelwa yigazi.Take your position! take your position! kumemeza izwi lomphathi steshi.Nangempela kwaba ubukhaxa khaxa imibhobho yezibhamu ibhekiswa khona othangweni.Fire!!! Kwaba ubuzumu zumu, izibhamu zibubula ngokushintshana.Kuqhuma wena AK47,nine milimitha kuzamule nophamu ganu usishaya sihlakazeke isifuba othangweni.Kuwubuginqi ginqi, ubuxhafa xhafa igazi lindiza emoyeni.Ezikhulunyelwa phansi-ke zithi kwakungekho bantu ababekotela othangweni, kodwa yonke into yenziwa ngesizotha.Kuwukusenga ezimithiyo nje ukuphuma kwalowo mbiko.Nangempela lathi liqambe lithi gqwambi emafini kwase kulele ucaca.Lishona nje kwase kunezidumbu ezingamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye ezazilele ezintabeni zako Sharpville.Zasala izintandane,basala abafelokazi kuyilowo nalowo ekhala ngesihlobo sakhe.Bayeke bakhale ngonina noyise. Savuka isililo,yalila iNingizimu Afrikha.Kuyilowo nalowo eshaya esikhulu isikhwehlela phansi maqede athi ngiyawazonda amabhunu, nx! Izinja lawo mazwi iwona-ke aqamba iculo elithi amabhunu ayizinja. Ingakho-ke nanamhlanje usuku langoMarch 21 silugubha njengosuku lweHuman rights day,yingoba bafa abantu eSharpville befela amalungelo abo. Kwavumbuka amasosha ayezolwisana namabhunu.Avumbuka nje alolongelwa enkanjini yangaphandle ko Angola.Ngaleso sikhathi-ke izindaba zazingahlali phansi,ayi ngoba zazisaba amazolo kepha ingoba zaziletha imali.Kunemithonseyana-ke eyayisebenza namabhunu iyizimpimpi idayisa ngabantu bakubo.Yayingayeka kanjani-ke ukufinyelela ezindlebeni zamabhunu indaba yamasosha ase Angola?Baqala-ke nonkosana bavula amehlo.Bengena imizi ngemizi,ngo dli nangejazi lephoyisa, bekhipha okungabafanyana ababezokulolonga enkanjini yamasosha yakuleli ukuze bevikele umbuso.Wahamba kanjalo-ke noCharlse.Wayengumfanyana nje owayezithandela izincwadi, esithanda isikole, enesifiso sokukhula abe ngudokotela oseqophelweni eliphezulu.Nakhu-ke sebemuthatha bemuhlukanisa nephupho lakhe.Babengeve bezwana benoPrince kungamathe nolimi.Uyazazi izithupha ziya ogwayini?kwakuyizonake lezi.Namanje uMnumzane uSmith uhlale ahlale ayikhumbule indodana yakhe aseyigcina ngokuyibuka ezithombeni. Aqhubeke nokuhamba eqalaza.Engazelele ezwe ngezwi selithi Sawubona Prince.ngezwi elipholile eliconsisa amathe.Aphenduke ngokwexwaya.Ayibuke lentokazi yomlungu embingelelayo.Abuyise ubuso ebukisisa lentokazi emi lapha othangweni.Uyayikhumbula kancane le nswebu inkinga yigama nje aselilibele.Uyayikhumbula intombazanyane ababejwayele ukudlala nayo lapha beno Charlse.Kuthuleke kancane uPrince esacinga igama lalentokazi engqondweni.Ethi angalithola asholo phezulu.Wow,Christina? Nguwe lo? Ebakaza.usukhule kangaka?UChristina emoyizela kuvela uthotho lwamazinyo amhlophe qwa.Nami angkholwa ukuthi nguwe lo osukhule kangakaephuma ngesango eza kuye, afike azithi nci esifubeni sakhe.Bawolane,kuyilowo nalowo emoyizela eveze ubuso ehlombe lomunye.Kusenjalo kuzwakale ukukwebha kwamasondo emoto eceleni kwabo.Badedelane ngokukhulu ukwethuka.Kwaphela nasozwaneni kuPrince.Kwakuyiveni yamaphoyisa. Yona kanye le ephuzi ebizwa ngemello yellow.O ,yah.Zinje la?Izimfene seziyazibambela nje ezintombini zakithi?Ehlika emotini umfana webhunu,ezishaye zaphelela ezobuphoyisa waze wathwala nogqoko lwesigqoko esicijile lapha ekhanda.Wena ntombazanyane.eyikhomba ngomunwe phindela ngaphakathi.yehla mnewuthu siqede ngalemfene kudilike okunye kwephoyisa lebhunu obekuhlezi ngaphakathi evenini.Yah.Ibekwa yini imfene lapha? Ucabanga ukuthi kusesiqiwini la? Uphi udomu pasi? Khipha udom pasi ,khipha udomu pasi. kulapho-ke alihleki alithi nsi ibhunu lansondo.Lisho ngamabhanyaza amehlo ahlabayo. Aluhlaza wena owabona ikati ebumnyameni.E... Angi... Angikabi nawo basi.kudlala amadolo ,kubande kwamancane kuPrince.Itwetwe lithi nami ngikhona habe,habe Ngiyalingwa yini?Yenza njenake mfanyana khumula usale nqunu. I uPrince ebakaza.Yeyi! Uyagoloza yini?Uyayibona leyanja elapha ngemumva evenini?Ngizoyidedela ikuniphize wena mnewethu usanesikhathi sokuhleka ngiyabona,othi mina ngiyivulele.Kuphimisela uzakwabo lo ahamba naye elinga ukuyovula iveni.Cha,cha,cha ngiyakhumulu Mnumzane ngiyakhumula uPrince ehlisa ibhulukwe ngokushesha liyoshaya emaqakaleni.Alandele ngehembe alithi hlwi hlwi masishane. Akuphelanga mizuzu wabe esesele nge anda.I anda yona uyiyekelani?Khumula konke mani sphukuphuku ndini. izinyembezi zigcwale amehlo kuPrince. Yeyi nina bafana.Umphathi wenu lo othi anokwenza kanje esisebenzini sami?Kubuza izwi loMnumzane ogama lakhe nguErasmus.Esondela nganeno, emvakwakhe elandelwa indodakazi yakhe uChristina.Anidelanga mhlazane nibulala abantu eSharpville?Namanje nisabahlukumeza?Hambani la,hambani. Uyawazi umthetho nawe Mnumzane.Kuvungama iphoyisa liyongena evenini.Kube ukungena liyiklwebhe ishikile ishiya intuthu yamathayi.Ayishaye izule ize iyothi sithe ezintabeni zako Primrose.Ninake nisinekani?Yinhle lento eniyibona yenzeka lapha?Ebhekise kulabafazi babelungu abavele othangweni.Banyobozele.Ngokukhulu ukuphoxeka baphindele ezindlini zabo.Gqoka wena mfana wami.Izinja nje lezi zidlala ngawe.uPrince ebuka uMnumzane Erasmus ngamehlo agcwele ukubonga.Ngaleyo nkathi uChristina izinyembezi zase zizehlela nje lapha ezihlathi.Ebuka uPrince enokumdabukela. Nangempela abe eqala engena indlela. Aqhubeke nohambo.Ehamba ezesula izinyembezi efasa nebhulukwe.Ngemumva eshiya uChristina owayemucwebisela amehlo ezibambe ngezinkophe izinyembezi,ekhala kancane kuvevezela umlomo.Ahambe njalo uPrince eya ngokuya esithela emehlweni kaChristina.Angeke ngimxoxele nje ubaba lendaba.Phela ngabe ngiziyalile.Iyodwa nje into azongibuza yona, ukuthi ngifunani lapha?Ubaba akaqondi uyazi.Akusekho lutho ekhaya.Ukudla kuphelile,uBuhle ugugelwe izicathulo zesikole,noSipho naye udinga izincwadi zesikole.Ayikho nami into ebengingayenza.Bekumele ngizizele mina lapha mathupha.Asule izinyembezi nakhu engathi useyawubona nalomuzi osebenza uyise.Avule isango maqede agcwale amagceke.Ungena uyabalisa lokhu kwabe engamazi noyise ukuthi uzomungena ngaliphi.Asondele nganeno komuzi.Alandela lamazwi akhuluma ngemumva kwendlu.Anikele khona egudla ubonda.Kube ukuvela athi nhla maqede abuyele emumva ngokushesha.Acashe ngalo ubonda.Ayibo! ngidukile yini ?Akusiye nje ubaba lona okhuluma nalomlungu.Cha engawakholwa amehlakhe.Aphinde alunguze futhi kancane efuna ukubona kahle laba bantu abakhulumayo.Athi ukulalelisisa nenxoxo yabo....Yah, kanti futhi umhlangano bazowubambela khona eSoweto escrab yadi sezimoto namhlanje ebusuku.Bonke abafundi bazobe bebuthelene khona.Nina nje mele nicuthe lapho. Bayothi bengaphelela bese nibambamba-ke. mana-ke. emephula ulimiawazi ukuthi umhleli walemashi ngubani? uMandla Ntombela.Uhlala khona eSoweto eMeadowlands West.uyindoda yamadoda Khoza.Wenze umsebenzi omuhle.Awubambe lana-keemfumbathisa imvilophu enezinkulungwane zamarandi.Hawu!uPrince ebakaza ecasha ngalo ubonda.Ubaba ukhoza kanti uyimpimpi yamabhunu?Ewuvule wonke umlomo ebakaza.Kusenjalo ezwe ngomuntu emuqhweba ehlombe.Aphenduke.Awu kodwa smakade ngivelelwa yini?O,hhe ngifileke mina namhlanje.Ebalisa ngenhliziyo ,ebuka iphoyisa ngamehlo azicelela uxolo.Ilona kanye leli ebelimukhumulisa emugwaqeni. ***To be continued***
Posted on: Tue, 08 Jul 2014 18:05:15 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015