By Thabani E. Shongwe Nginenkinga Kulomndeni Nkosi nakimi - TopicsExpress



          

By Thabani E. Shongwe Nginenkinga Kulomndeni Nkosi nakimi njengoZahara phendula Phela uma sekunjena impilo inzima idinga abomeleleyo Nenhliziyo yami usize ifihla imizwa isithanda ngokungabaza Ngoba kulomndeni engithanda kuwo ngathi bayangingabaza Indoda yam ngiyayithanda impela kodwa izenzo zabakubo zingiphula umoya ziyangikhubaza Oh! Nembeza wami nqaba nami Nqondo yam khumbula iziyalo zabazali bami Phela ngiphuma ekhaya umama wathi... Mntanami kuyabekezelwa emendweni Uma izinkinga sezixakile ukhuphukele entabeni Uthi Nkosi uma nginawe soze ngikhubeke endleleni! Kodwa njengoZahara mina ngith labanti kudala bengivalela indlela Manje ngiyathandaza kuthi uzwakale nowami umkhuleko kuqonde kweyam indlela Hhe! Phela sengikhathele ilabant asebephenduke omnakwethu Belokhu bengihlulela kodwa bona behluleka Ngapha umamezala ungitshela ngoZanele ozozala indlalifa Osisi bendoda bangitshela ngoSbongile oseyizele indlalifa Hhe! Mina ngibatshela ngami ozovusa lomuzi ngoba naw ufa Nginenkinga kulomndeni Ngibekwa amabala ngapha nangapha Oh... Ngiyababona theyre trying to make me an example of colour blocking Yes! Im an example, phela i-plate engilibeka phambukwendoda liba na7(seven) colours ingakho nje benomona Kodwa ngoba nesiZulu siyasho nje kuth umendo awuthunyelwa gundwane NeNkosi uma isithe yebo ekekho ongathi cha nami cha angisayiboni inkinga ngalomndeni ngoba mina nesthandwa sami njengamajuba sofa silahlane! (I am da Optimistic poet)
Posted on: Mon, 28 Jul 2014 19:57:09 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015