Hhayi phela lena sekuyimpi kaBhambatha le!!! - TopicsExpress



          

Hhayi phela lena sekuyimpi kaBhambatha le!!! |LovePoem| Sengiphenduke isitha ezingubeni zami, Nasenqondweni yami, Yazi imizwa yami isixabana negazi, Inhliziyo yami isephenduke umbazi, Kazi, kazi, kazi lempi engiyilwa nomzimba wami kuyoba ubani iqhawe kuyo... Ay ngeke phela lena sekuyimpi kaBhambatha... Ebusuku akusalaleki, Nokudla akusadleki, Yazi kuyacaca phela mina ngisothandweni, Njenge mpuzi ngingene shi ezintangeni... Ngilwa nothando olungaphakathi, Enhlizweni yami lifafazekile ngathi izihlabathi, Mphakathi!!! Ay lomuntu ngyamthatha yize ngibona ukuthi ngizifaka kwelimnyama ihlathi, Ngimthanda ngoba unyakazisa ezami izihlathi, Ukunyaka nyakaza nje kwemihlathi, Ngeke lobhuti mina ungshaya le ekudeni ngaphakathi... Lempi ngizamile ukuyilwa, Kepha ke izikhali zenqondo zihlulekile ukuyivika, Enhlinzweni yami ngathi ngihlatshwe ngeklwa... Ayke mina ngyaziphosa kuleliwa. Kulelitshe lothando ngyogqoma, Le nsizwa isingihlulile ngamagama mina sengyaqoma... *Ay bakwethu, angazi noma bengiza kahle yini, inkondlo yothando isangihlula nje eish... Lol mhlampe kwenziwa ukuthi ngiyisishimane lol lol*... Nxt time ngiyathembisa ngizozama okudlula lokhu... #Skhona
Posted on: Thu, 09 Oct 2014 09:58:36 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015