Hi guys m sori ngokuphuma esihlokweni. ngyintombazane - TopicsExpress



          

Hi guys m sori ngokuphuma esihlokweni. ngyintombazane ena20,ngimise okomuntu wesilisa kdw ebusweni ngyabukeka. ngiFit ngibukeka engath ngiyajima kanti angikaze ngijime selokhu ngaba yimi. manje into engphatha kabi emoyeni ukth uma ngihamba nje abantu bayangibuka, abanye bangihleke abanye baze bangibuze ukth ngijimelani ngiyintombazane, yin ngiFit kangaka. naseskoleni izingane engangifunda nazo zazingihleka zikhulume kabi ngami, ngaze ngagcina sengizishintsha ngazenza isitabane ngba abantu belokhu bethi ngath ngingumfana ngimise okomfana, ngabe sengibona kungcono ngibe yilento abathi ngibukeka ngiyiyo. ukuhamba kwesikhath ngahluleka ngabuyela ekubeni intombazane. bengizocela ukth uma kukhona onolwazi lapho ngingathola khona isizo, ngfuna ukth ngiyohlinzwa ngakhiwe ngime njengentombazane nami, ngkhathele ukuhlekwa. ngyazi uNkulunkulu akenzanga iphutha ngokungakha ngalendlela engime ngayo, kdw abantu engiphila nabo bakhuluma izinto ezingphatha kabi. ngidinga nje onolwazi angilayele lapho ngingaya kohlinzwa khona ngiqondiswe nje umzimba wam ubukeke njengowentombazane, anginankinga nemali ngzimisele ukthatha lonke ifa engalishiyelwa abazali bami ngilungise umzimba wami. ngyabonga
Posted on: Tue, 13 Aug 2013 04:55:05 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015