NOMA NGINJE , KODWA KUKHONA OKUHLE NGAMI Omunye wabazalwane bami - TopicsExpress



          

NOMA NGINJE , KODWA KUKHONA OKUHLE NGAMI Omunye wabazalwane bami wayehamba ngemoto yakhe, kuthe esendleleni wehlelwa yingozi engakafiki lapho eyakhona. Ababona lengozi bazitshena ukuthi akekho osindile kuyona. Kwafika izimoto zamaphoyisa namalambu aluhlaza, keafika amaAbulance namalambu abomvu, kwafika nama breakdown ezolanda okulimele .Kwakumi nabaningi bebukela,abanye babedabuka, abanye besola, abanye bekhala njll , Emva kwakho konke kwafika abe INSURANCE, bayi Assessor imoto ,maqede bayi WRITE- OFF (which refers to recognition of the reduced or zero value of an asset or is cheaper to replace than to repair). Kusho ukuthi lemoto isuke ingasadingakali emgwaqeni , bona beyibona ingeke isalungiseka. Abase SCRAP- YARD bayithenga noma isi Write -off. Noma ilimele kanjani kodwa iSCRAP-YARD sona sithi " AKHONA AMAPART APHILAYO, ANGASIZA EZINGASHAYISILE KODWA EZILINYALELWE AMA PART ATHIZE. Ngifuna ukuthi empilweni uma kwenzekile washayeka walimala kunezinhlobo ezinhlanu zabantu ezitholakala eduze kwakho. Olokuqala yilabo abangamaphoyisa empilo yakho, kunokuthi akuhlenge bona bafuna ukubhala izitatimende, abanandaba nokulimala kwakho. Ungaze ufe usizo bengakuniki. Basuke bephethe amafayela. Noplastiki abamnyama abazokufaka kuwo uma kwenzeka ufa. Abanandaba nawe, kuphela bajabulela ukukhipha izibalo zabashonile. Kunabantu empilweni abanye bekholwa , kunokuthi bakusize ekulimaleni kwakho, balibele ukuthatha izitatimende, begxeka besola, bebuza imibuzo eminingi, bengeke bakusize ngalutho, kanti wena wophela ngaphakkathi. Uhlobo lwesibili olufika lapho kwenzeke khona ingozi, yi Ambulance. Yona into esuke iyijahile ukuzoletha usizo lokuqala kwabalimele. Abantu okufanele ubasondeze eduze kwakho yilabo okuzothi ulimele , bakulethele usizo lokuqala, bakufake o Oxygen, bakuxilonge besebekuphuthum isa esibhedlela sempilo, ebandleni elizokwakha ngokomoya. Uhlobo lwesithathu lwemoto efika esigamekweni sengozi , yiBreakdown. Yona ifika engathi ilethe usizo kanti izokuthatha okulimele ikuyise lapho kuzolahlwa khona. Kunabantu abafika kuwe kube sengathi bazokunika usizo, kanti bafuna ukukufaka emgodini wokugcina. Basuke befuna ukukubeka lapho khona wonke umuntu odlulayo eyokubona ukulimala kwakho. Babe sebecwiya nezingxenye zokuphila kwakho. Baqaphele abantu abafika kuwe kungathi bazokusiza ngenxa yokulimala kanti kusasa bazokujikela bakuvukele esiswini njengotshwala. Uhlobo lwesine olufika endaweni yengozi yilabo abasuke bemi emaceleni, bebukela, abanye bakudlule , bengenakukuleth ela usizo. Kunabantu abanye bayizihlobo zethu, abangani bethu, omakhelwane bethu imindeni yethu, okuthi noma ungalimala kanjani abakuniki usizo, kodwa bamela le kude , besola , begxeka, bekhomba njll. Ngakho gada uhlobo lwabantu abasondela eduze kwakho uma ulimele. Uhlobo lwesihlanu lwabantu abafikayo, yilabo beInsurance, laba bamele abantu okuthi ungalimala bona baqede ngawe, baze bakhulume bathi ikusasa lakho liphelile.Umhla ba uyiInsurance esi WRITER- OFF, uma sesilimele awusidingi, kodwa uJesu uyisiSCRAP- YARD, othi noma usulimele kanje kodwa kukhona okusengenzeka ngawe. Ngicela ukukhuluma nomuntu ozibona elahliwe, engelutho, elimele , ikusasa elibona lingekho kuye. UJesu akasoze akulahla, noma abantu bangakulahla basho konke abakuthandayo kodwa izulu lisabona amapart asaphila kuwena. Vuka uqine , ngoba nalabo obabona bengashayisile kodwa kuyenzeka ingaphakathi labo kanti lilimele lidinga wena uqobo. Wena ozibona uRight manje , ungasheshe umlahle umuntu ngenxa yokulimala kwakhe, ngoba noma enje kodwa kukhona okuhle ngaye, okungakusiza empilweni yakho. Kwabakholwayo lona wumkhuba omubi kabi esiwenzayo, ngoba sizenza izingelosi , uma umzalwane elimele singamsizi kodwa simkhande ngamatshe, simahlulele. Lemoto oyishiye endleleni ishayisile , kusasa uzobe udinga ipart yayo escrap yard. Ngakho ungasheshe umlahle umuntu ngoba kusasa uzomdingo. VUKA UZITHATHE UJESU UYAKUTHANDA
Posted on: Thu, 04 Jul 2013 11:13:26 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015