SEBENZISA I RECIPE UKUZE LENTO OYENZAYO IBE IMPUMELELO!!!! Uma - TopicsExpress



          

SEBENZISA I RECIPE UKUZE LENTO OYENZAYO IBE IMPUMELELO!!!! Uma uzobhaka ikhekhe, kumele uqale ngokufunda I recipe. Ngaphambi kokuba uhlanganise izithako (Ingredients) kumele kuqala ube nesiqiniseko sokuthi uyifundile I recipe futhi uyifundisisile. Lokhu kuzodala ukuthi umsebenzi wakho wokubhaka ikhekhe ube impumelelo. Uma sewuhlanganisa lezizinto, kubukeka sengazathi awuyi ndawo, futhi ayizoba impumelelo, ngoba usuke ubona izinto eziluhlaza. Uma uyidla inhlama ingavuthiwe, iba yimbi, yize usuhlanganise konke, kodwa kubiza ukuthi uyifake ku oven ukuze ivuthwe, khona kuzophuma ikhekhe elimnandi futhi elithokozisayo uma ulidla. Kodwa ke kuyenzeka ukuthi uma ubhake ikhekhe libukeke lilihle, nabantu balihalele ukulidla, ngenxa yokuthi uma ulibuka, liconsisa amathe. Kodwa uma usulisika ulidla, ilapho uthola khona umuntu elihlafuna kabili kathathu alifele, ngenxa yokuthi alikho mnandi ngalendlela elibukeka kahle ngayo. Lokhu kudalwa ukuthi kusuke kukhona isithako esingafakwanga nhlobo, noma esifakiwe, kodwa safakwa kancane, noma esifakiwe, safakwa kakhulu. Into edala lokhu ukuthi I recipe isuke ingalandelwanga ngendlela okuyiyo. Nokukholwa kunjalo. Uma kukhona okukodwa ongakwenzi, isibusiso asifiki. Ungathandaza, ufunde ibhayibheli lakho, unikele, kodwa uma ungamazi omunye umuntu (Bad attitude), unempakamo (Self exaltation) Kudala ukuthi isibusiso sakho singafiki kuwe. Ufana nekhekhe elibhakiwe, kodwa elinganambitheki, elimbi emlomeni kaJehova. Bese kuba khona umuntu othi uma ebhaka ikhekhe ayilandele I recipe kusuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Azifake ngendlela efanele izithako ekhekheni. Inkinga iqala lapho eselibele I TV, ama social networks bese liyasha ikhekhe alibhakile. Belilihle, belibukeka, kodwa inkinga ukuthi selivele lasha. Lona umuntu othi esekwenze konke, wakhuleka, wanikela, wafunda izwi, watholakala endlini yokumkhonza uThixo kodwa abe ekhuluma ukufa, nezimo azibonayo ngeso lenyama ngaphezu kwezi lika Jehova elimubiza ngomnqobi ngaphezu kwabanqobi. Kumele senze konke okushiwo yizwi lika Jehova ngendlela okuyiyo, ngoba liyi recipe yempilo yathu. Silapha nje emhlabeni, silandela I recipe ukuze siphumelele kukho konke esikwenzayo. INGABE UYAYILANDELA I RECIPE NA????? Ps Sanele B. Gumede
Posted on: Mon, 27 Jan 2014 07:21:13 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015