Sanibonani ekhaya! Ngike ngabhalela kuleli page ngisakhulelwe - TopicsExpress



          

Sanibonani ekhaya! Ngike ngabhalela kuleli page ngisakhulelwe iziyalo zenu zangisiza kakhulu kodwa ngisabuyule futhi nakhu nginenkinga.Nginemnyaka ewu 20 ngiyasebenza.Ngithandane noBaba wengane yami ngino 18 years ngibe sengithola ingane yethu kulo lo nyaka eyomfana,isimo asibanga sihle since ngimtshele ukuthi ngikhulelwe ngaze ngateta but ulokhu emile emazwini akhe ethi usangithanda but akakukhombisi lokho because asisachithi ngisho iskhathi ndawonye,ngigcina ngokumbona emsebenzini ngoba sisebenza ndawonye.Ungifice ngiyintombi ngingakaze ngithande muntu wesilisa,ubeselobola but akasaqhubeki nalutho futhi akasasho lutho ngakho,usanda kungitshela ukuthi akumina ngedwa akathandana naye uma ngimthanda ngizokwamukela lokho ngikhohlwe abanye.Ngimtshelile ukuthi manje sekunezifo angalile mayethanda ukuqonywa kodwa umphumela wakhona uzoba mubi,mangimbuza iphutha engaba nalo akalisho ukuthi alikho..Kunzima ukumyeka ngiyamthanda!
Posted on: Mon, 22 Dec 2014 08:16:18 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015